Usentuntanendishi owayesechiza kuMaZulu qede waxoshwa

Usentuntanendishi owayesechiza kuMaZulu qede waxoshwa
USamuel Darpoh
Alfred Ngubane

Usecabanga uliyishiya phansi ibhola abuyele ngakubo eGhana ayozifunela omunye umsebenzi uSamuel Darpoh olaxazwe AmaZulu FC ngesizini edlule.

Intatheli yeMpempe ihlangane naye lo mdlalo wasesiswini owafika kuleli esemncane ehamba nomkhaya bakhe abasebenza ezindaweni zokucwala izinwele eThekwini.

Uvumile ukuthi usaphenduka ujika nelanga kusukela adedelwa Usuthu okuvele ukuthi wayesezibona eyinto enkulu kulo.

“Sengiphila ngokuhlanganisa nje nabafowethu laba abasebenza ezindaweni zokucwala izinwele,” kusho yena.

Uthe wadedelwa uBenni McCarthy ekhala ngokuthi akayiboni into angasiza ngayo iqembu ekubeni kulindeleke izimanga kwazise ungowokufika kuleli.

Impempe isithole ukuthi ngaphambi kokuxoshwa Osuthwini wayesenokuzithwala ikakhulukazi ngesikhathi beqeqeshwa nguJozef Vukusic.

FUNDA NALA: UBaxter ubona umhobholo kwiSundowns eqoqa bonke abadlali

“UVukusic wambulala lomfana ngoba wayemdlalisa ngaphambi kwabadlali abanamava emncoma njalo ethi uzophelela phesheya angabanaki laba abanye.

“Wayemthembisa ukuthi uzomzamela phesheya ngoba yena ungcono kunabo bonke eqenjini,” kusho umthombo weMpempe.

Nokho wathi uma esexoshiwe lo mqeqeshi wakhohlwa uDarpoh noButhelezwe Ncube ayebathembise izinto ezinkulu.

Kwaze kwaze kwavela nemibiko yokuthi uhlolwa yiqembu laseSPain i-Espanyol okuyinto okuthiwa yamkhukhumeza kakhulu kunakuqala.

UDarpoh uthe uselinde ukuyozama inhlanhla kwiSekhukhune United la azanyelwa khona kanti uma kubheda khona useyoqoa amasakana akhe abuyele kwelakubo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.