Usephenduke inyama uMakume weBaroka, iMaritzburg engase imwine

Usephenduke inyama uMakume weBaroka, iMaritzburg engase imwine
UBonginkosi Makume weBaroka FC
Intatheli yeMpempe

Usephenduke inyama emaqenjini amaningi eDStv Premiership uBonginkosi Makume weBaroka FC esanda kuliwa yizembe yehlela kwiGladAfrica Championship.

Ngokuthola kweMpempe ngomthombo osondelene nabaphathi balo mdlali, amaqembu abevele esefana namanqe phezu kweBaroka njengoba abeseqalile ehlonza kubadlali bayo angase abadinge.

UMakume kuthiwa ufunwa amathathu aKwaZulu-Natal okuyiMaritzburg United, AmaZulu neRoyal AM kanti neKaizer Chiefs seyike yabuza ngaye.

“UBonginkosi uzakhelile igama lakhe kule sizini njengoba eze wagcina engukaputeni wearoka nje. Udlale kahle kakhulu.

“Abaphathi bakhe sekukudala bethola izingcingo kubaphathi bamanye amaqembu bebuza ngesimo sakhe kwiBaroka.

“Kodwa bebetshelwa ukuthi abame kancane, bengamphazamisi umfana njengoba ebesaxakwe wukuzama ukuhlenga iqembu ezembeni,” kusho umthombo.

“Manje njengoba seyiphelule isizini nje sebeqalile ke ukuxoxa ngokuphelele futhi ngizwe kuthiwa abeBaroka sebevumile ukuthi bengamdedela uma kukhona elizokhokha kahle.

FUNDA NALA: UMphela ukhuza iChiefs ngokusayina asebephelelwe umsoco

“Kodwa abaphathi bona bafisa aye kwiMaritzburg ngoba baboba kuyiyo enozinzo ngokwabaqeqeshi. Ngaphezu kwalokho u-Ernst (Middendorp) uyamakha umdlali.

“Babona ukuthi uzophuma kuyo esevuthiwe esefunwa amaqembu azobe esekhokha imali yangempela,” kusho lo mthombo.

UMakume, oneminyaka engu-26, ungowokuzalwa eSoweto kanti ungumakhelwane noSiphiwe Tshabalala njengoba emakubo behlukaniswe wumgwaqo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.