Usephinde wamiswa uZuma kwiChiefs, ngabe kuphelile ngaye?

Usephinde wamiswa uZuma kwiChiefs, ngabe kuphelile ngaye?
UDumisani Zuma
OkaDonga Gumbi

IKaizer Chiefs seyiphinde yammisa uDumisani Zuma ekutheni azibandakanye neqembu yize isizathu ingasivezanga kulokhu.

UZuma umiswa nje ubesanda kubuyela eqenjini kulandela ukuthi wayelahlwe yicala lokutholakala enza izinto ezingafanele.

Ngaleso sikhathi wayebanjwe amaphoyisa eshayela ebugaxile, waboshwa kodwa wabuye wadedelwa.

Iqembu labe selimphoqa ukuthi ahambele uhlelo lokuyosizwa ayeke utshwala. Ubesanda kubuya nje.

Futhi ubuye kwacaca eqenjini njengoba ebengemna awujike umdlalo futhi nguye oshaye igoli bebhekene neCape Town City ngempelasonto.

“Iqembu liphoxekile ukubika ukuthi uDumisani Zuma usephinde wamiswa njengoba kusalindwe kuphothulwe uhlelo lokuqondiswa izigwegwe lwangaphakathi.

“UZuma ubesanda kubuya kade engekho izinyanga eziyishumi obekukhona kuzo nesikhathi abemisiwe kuso nokuhambela uhlelo lokusizwa ayeke utshwala.

FUNDA NALA: Kukhona okusina kumjeqeza uZwane kwiChiefs 

“Kukhona okunye okusanda kwenzeka njengoba esanda kubuya nje okuvela ukuthi uphinde waphula imigomo yeqembu yokuziphatha.

“Ngenxa yalokho lo mdlali wasesiswini ngeke abe yingxenye yeqembu elizodlala neMarumo Gallants ngoLwesibili.

“Ngeke azimbandakanye neqembu kuze kuphothulwe uhlelo lokuqondisa izigwegwe,” kusho isitatimende esishicilelwe yiChiefs kwiWebsite yayo ngoMsombuluko.

Njengoba sekungokwesibili nje etholakala enza izinto ezingafanele uZuma, asemancane amathuba okuthi iqembu lizomgcina uma sekuphela inkontileka yakhe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.