Usephinde wangena kwelinye ihlazo uSibiya kumiswa izimpi azihlelayo

Usephinde wangena kwelinye ihlazo uSibiya kumiswa izimpi azihlelayo
Alfred Ngubane 

Kuphinde kwahlwa emini kumhleli wezimpi waKwaZulu-Natal, uZonke Sibiya weZDM Boxing Promotions ephinda emiselwa izimpi abezihlela.

USibiya uthole incwadi evela kwabeBoxing South Africa emazisa ukuthi izimpi abezihlelela ukuthi zibe ngoLwesihlanu ngeke zisaba khona.

Ngokwale ncwadi, Impempe eyibonile, lezi zimpi ziyekwa nje kungenxa yamaphutha akhe futhi uSibiya njengoba ehlulekile ukukhokhela imali yamabhokisa ngesikhathi esifanele.

Impempe beyike yabika ngeviki elidlule ukuthi uSibiya uthe ufundile emaphutheni akhe angonyaka odlule njengoba nakhona emiselwe izimpi obekumele zibe ngoDisemba.

“Ngokwamarekhodi ethu, awukayifaki imali okuzokhekhelwa ngayo abashayisibhakela ngemuva kwalo mqhudelwano.

“Ngenxa yalokhu, thina siyiBoxing South Africa sizithola singayo enye indlela yokwenza ngaphandle kokuthi sizikhansele lezi zimpi.

“Sicela wazi lokhu kusukela manje, akukho sikhulu esizokhishwa yiBSA ukuba senze umsebenzi ngokusemthethweni kulo mqhudelwano,” ibifundeka kanje le ncwadi.

Ngokuthola kweMpempe kwabasondelene nalo mhleli wezimpi, izinkinga zaqala mhla ehlukana nowakwakhe ayebambisene naye okuthiwa nguye owayazi kangcono ngalo msebenzi.

“Usekhombisile ukuthi akakulungele ukusebenza nomphakathi,” kusho omunye obekhala ezimathonsi¬† gokubhuntsha kwalezi zimpi.

FUNDA NALA: IRoyal AM ihlongoza ukuvusa uMabizela ngesikhundla

“Sekumele avele aphucwe ilayisensi yokuqhatha izimpi manje, anikezwe umsebenzi kweminye imikhakha uma kungukuthi usadingeka esibhakeleni,” kusho lona ocele ukungadalulwa okwamanje.

Namanye amabhokisa akhulume neMpempe akhala ngokuthi ahlale ejimini awangaya ngisho emakhaya ngamaholid emakhaya ngoba elungiselela lezi zimpi.

“Mina benginethemba ukuthi izoba khona ngoba le enye yabhuntsha kanti angibuzanga elangeni. Kuyamangaza okwenziwa ngubaba uSibiya ngoba uyasilimaza thina,” kusho lo mshayisibhakela naye ocele ukungavezwa igama.

USibiya ubengakatholakali ukuthi aphawule ngalokhu kumiswa kwezimpi zakhe okwesibili kulandelana okuyinto engcolisa igama lakhe kwezamankomane.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.