Usephoqeleke ukuliyeka ibhola unozinti owaxhopheka ejimini

UBrighton Mhlongo

OKADONGA GUMBI

Useyekisiwe ibhola unozinti weTshakhuma Tsha Madzivhandila, uBrighton Mhlongo ongasaboni kahle emehlweni. UMhlongo waxopheka ejimini eshaywa yibhola ebusweni, kanti odokotela bathe iso lakhe lakwesokunxele alisaboni kahle futhi ngeke lisalungiseka.

Lezi zindaba zivezwe ngumqeqeshi waleli qembu laseLimpopo ngemuva kokudla kwalo isicoco seNedbank Cup ngoMgqibelo kusihlwa. IVhadau Vha Damani ishaye iChippa United ngo 1-0 wegoli likaNdabayithethwa Ndlondlo ukuze ibe ngompetha okokuqala emlandweni wayo (funda lolu daba lapha: https://bit.ly/3y0qRky).

Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, uDylan Kerr uncome iqhaza likaMhlongo eqenjini kulandela ukuba ekhulume nozakwabo, ebakhuthaza ukuthi bazinikele ngaso sonke isikhathi.

“Kumele ngimbalule uBrighton njengoba esezowagaxa emgibeni amakhokho kulandela ukulimala esweni. Ukhulume nozakwabo namuhla kanti inkulumo yakhe ngicabanga ukuthi iveza kahle ukubumbana nokuzinikela okuseqenjini,” kusho uKerr.

“Ngeke ahambe singamncomanga ngoba kumephule inhliziyo ukuma phambi kozakwabo ebe azi kahle ukuthi ngeke aphinde alidlale ibhola. Ukhulume kahle kakhulu futhi ngiyakholwa le nkulumo yakhe ibe nomthelela endleleni esidlale ngayo namuhla,” kusho uKerr.

UMhlongo, oneminyaka engu-30 futhi odabuka eSoweto, waqala ukudlala kwi-Orlando Pirates akhuliswe yiyo njengoba yamthola esengumfanyana wesikole.

Kwakubhekwe lukhulu kuye kwiBucs ngemuva kokushona ngokuzuma kukaSenzo Meyiwa eminyakeni embalwa edlule. Nokho izinto azimvumanga neze umfokaBhebhe wagcina ngokudedelwa.

Usuke kwiPirates waya kwiChippa United ngaphambi kokuya kwiBidvest Wits okuthe uma idayiswa waba yingxenye yabadlali abathathwa yiTshakhuma. Useke walunguza kancane nasemaqenjini esizwe.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.