Useqala ukulithanda iTheku okwekhilikithi

UBryce Parsons

ALFRED NGUBANE

Umdlali omusha weHollywoodbets Dolphins, uBryce Parsons uthi iTheku uzolenza ikhaya lakhe elisha njengoba ephuma kwiHighveld Lions yaseGauteng. Lo mdlali oke waba ngukaputeni eqenjini lekhilikithi lesizwe labeneminyaka engaphansi kuka-19, uthi wathola incwadi ngonyaka odlule usoyophela ukuthi ufunwa 0amaDolphins, azomnika inkontileka eqenjini elikhulu.

“Akubanga yisinqumo esilula kimi ngoba bekusho ukuthi ngizoshiya abazali nabangani bami,” kusho uParsons ekhuluma neMpempe. “Kodwa ngoba ngifuna ukuzithuthukisa yingakho ngathatha lesi sinqumo sokuzothola ikhaya lami elisha.

“Ngifuna ukuzonqoba izinkomishi neqembu njengoba ziningi izinkomishi abaziwinile phambilini okuhlanganisa ne-4Day Domestic Series,” kuqhuba le nsizwa eneminyaka engu-20.

Uphinde wancoma isimo sezulu saseThekwini ukuthi sihle, kuhlale kufudumele kahle uma eqhathanisa nesimo saseGauteng. Akakuushiyanga ngaphandle ukuthi kumshintshe umqondo njengoba ehlala yedwa kulo nyaka.

Utshele intombi yakhe ukuthi ufuna ukumelana nenselelo entsha empilweni yakhe. Lo mdlali uthi uyibheke ngamehlo abomvu imidlalo yeDomestic League ezoqala maduze.

UParsons uyingxenye yabadlali abasebancane amaDolphins azogadla ngabo kule sizini okukhona kubo noThando Ntini oyindodana kaMakhaya Ntini. Ekhuluma neMpempe phambilini, umqeqeshi wamaDolphins, u-Imraan Khan wathi baqoke ukuba baqale manje ukuwapholisha lamathalente athembisayo.

“Basadinga ukuba sibapholishe kahle, kodwa banekusasa elihle kakhulu, kanti uBryce Parasons ungukaputeni emazingeni aphansi, sibheke lukhulu kuye,” kusho uKhan, udaba lana: https://bit.ly/3okQ1X0

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *