Useqalile ukuhlelela ukudlala kweye-Caf uMcCarthy

UBenni McCarthy

SIHLE NDLOVU

Unesiqiniseko sokuthi AmaZulu azobe edlala imidlalo yase-Afrika umqeqeshi woSuthu uBenni McCarthy ozishaya isifuba ngosekwenziwe yiqembu lakhe kule sizini.

“Angiboni sishaywa emidlalweni emine esisalele,” usho kanje uMcCarthy ngesikhathi AmaZulu

enesithangami nabezindaba ngoLwesine.

Usuthu luyibambe endaweni yesibili kwilogi ngamaphuzu angu-50 kanti makhulu kakhulu amathuba okuthi luqede kule ndawo njengoba sekuzosongwa isizini. Ngemuva kwalo kukhona iLamontville Golden Arrows enamaphuzu angu-43.

“Nakanjani sizobe sidlala kwiCAF Champions League ngesizini ezayo. Abadlali esinabo benze kahle kakhulu kule sizini futhi ngeke sivele sibalaxaze uma sesiyodlala e-Afrika. Sizoba nabo ubuso obusha obumbalwa kodwa abadlali abenze kahle eqenjini ngeke sivele sibalahle,” kugcizelela uMcCarthy.

“Bakhona kona abadlali esibafunayo futhi uma sekuphele isizini kungenzeka sibathole uma sinenhlanhla. Nokho asifuni ukusheshe sibabalule noma sithathe ngamawala ekubafuneni kwethu.”

UMcCarthy uthe okwenze waphumelela kuMaZulu yize efike abadlali abaningi sebekhona ukuthi uhlale ezama ukwenza umdlalo ngamunye abe ngcono.

“Umqeqeshi omuhle uma efika eqenjini ufuna ukuthola abanye abadlali. Umqeqeqeshi okhaliphile ufika eqenjini asebenzise lokho okusuke kukhona. Ngalokho angizami ukuthi mina ngingumqeqeshi ongcono noma okhaliphile,” kusho uMcCarthy sakuntela.

“Siyazama ukwenza abadlali ukuthi baqonde ukuthi balithola kanye kuphela ithuba lokudlala ibhola elikhokhelayo. Kunenqwaba yabadlali abakhona eNingizimu Afrika ngakho umdlali kumele alisebenzise ithuba asuke elinikiwe. Ngihlale ngizama ukwenza abadlali babe ngcono bonke eqenjini kunokuthi ube nabambalwa abayizingwazi,” kuchaza uMcCarthy.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *