Useqokwe ngokugcwele uMotlanthe kwesokuphatha iSafa

OkaDonga Gumbi
Ugcine eqokwe ngokugcwele njengesikhulu esiphezulu kwiSouth African Football Association (Safa), u-Advocate Tebogo Motlanthe obesenesikhathi ebambile kulesi sikhundla. UMotlanthe umenyezelwe njengosethatha lesi sikhundla ngokugcwele ngoLwesihlanu ntambama ngumengameli weSafa, uDanny Jordaan. Uthe uMotlanthe uphekwe ngemibuzo yizinhlaka ezintathu ezihlukene ngaphambi kokuthi zihlongoze ukuthi anikwe lesi sikhundla esibalulekile ebholeni lakuleli.
“Nguyena abamhlongozile labo abebephethe inhlolokhono yalabo abebefuna lesi sikhundla. Nesigungu esiphezulu seSafa asizange singabaze kodwa saqoka yena. Unikwe inkontileka yeminyaka emihlanu kanti uqala khona manje,” kusho uJordaan.
“Sibheke ukuthi aqinise ukuphatha nokuthi enze iSafa ibe yinhlangano esezingeni lomhlaba. Esikhathini abebambe ngaso njengesikhulu esiphezulu, wenze umsebenzi oncomekayo, futhi siyethemba ukuthi uzoyisa kude iSafa,” kuqhuba uJordaan.
UMotlanthe uthe uzimisele ukufezekisa konke akubekelwe kule minyaka emihlanu elandelayo. “Ngizokwenza engikubekelwe okufaka ukuqinisekisa ukuthi wonke amaqembu esizwe enza kahle emiqhudelwaneni yawo. Sengivele ngiqalile ngohlelo lokujika isimo sezimali, kodwa ngifuna kube yinto ezosebenza unomphela hhayi into yesikhashana,” kuchaza uMotlanthe. Uthe maduze nje bazobe sebememezela uxhaso oluhlukene.
U-Advocate Tebogo Motlanthe (kwesokudla) oqokwe njengesikhulu esiphezulu kwiSafa, enomengameli wale nhlangano uDanny Jordaan

Leave a Reply

Your email address will not be published.