USerena uselalela umzimba ukuthi uthini ngaphambi kokuyodlala

USerena uselalela umzimba ukuthi uthini ngaphambi kokuyodlala
USerena Williams
Alfred Ngubane

USerena Williams ongumdlali wethenisi ovelele emhlabeni jikelele, usegcine ephefumulile ngokungadlali kwakhe kwi-Australian Open yakamuva.

Uthi umzimba wakhe wawungavumi yingakho engabanga yinxenye yalo mqhudelwano. Ekhuluma nabeSportskeeda, uSerena uthe usazobuyela kulo mdlalo.

Phela bese kukhona amahlebezi okuthi mhlawumbe usecabanga nokushiya phansi njengoba esengumama futhi eseneminyaka engu-41 nje.

“Uma sengibuya ngoba yebo, njengoba bewubuzile ukuthi ngiyabuya yini…ngizonazisa kodwa khona ekudlaleni ngiyabuyela.

“Ngicabanga ukuthi nizobona umdlali olijabulele ithuba lokudlala lo mdlalo nozimisele ngempumelelo uma sengibuyile.”

Ube eseveza ukuthi uzoba yinxenye yeFrench Open ezoqala ngoMeyi 8 eParis. Uthi uyalithanda kakhulu idolobha iParis manje konke uma kuhambe kahle nomzimba uvuma uzoya kule midlalo yakhona.

USerena useyiwine amahlandla ayisikhombisa iGrand Slam kanti uthe yize kunjalo usashaywa wuvalo uma enomdlalo omkhulu.

FUNDA NALA: Isiyamphazamisa indaba yokulimala kukaTau oweBafana

“Yeah, Yeah! Ukuthuka kuyingxenye yempilo, kukhombisa ukuthi ungumuntu uyaphila. Ngakho ungazingabazi uma uzizwa unokwethuka.

“Sekukaningi ngidlala imidlalo enzima phambilini ngakho ngiyaye ngizibuze ukuthi, ‘kungani wethukile? Kungani uzizwa kanje?

“Kodwa kuba sengathi umzimba wakho usuke ukulungiselela ukuthi ube sesimeni esifanele, wazi ukuthi uyoncintisana nomunye ofuna ukuwina.

“Yileyo ndlela engikubuka ngayo ukuthuka manje,”  kuchaza le ntokazi enodadewabo abadlala naye lo mdlalo wethenisi abawufundiswa uyise.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.