OkaDonga Gumbi
UThulani “Cream” Serero useveze isifiso sakhe sokuthi i-Al Jazira agijima kuyo igadulisane ne-Al Ahly kaPitso Mosimane kwiFifa Club World Cup e-Abu Dhabi.
Lo mqhudelwano udlalwa amaqembu awine izicoco zeChampions League emazwenikazi ngokwehlukana kwawo.
I-Al Jazira kaSerero yona ingene ngopotsho wokuthi yiyo ezobe ingosokhaya kulo mqhudelwano kulokhu. Uqala ngoLwesine.
“Sawubona mqeqeshi uMosimane, ngiyakwemukela lapha e-Abu Dhabi. Ngikufisela konke okuhle kwiClub World Cup futhi ngethemba ukuthi ngizohlangana nawe kowamanqamu,” kusho uSerero.
Lo mlayezo kaSerero udluliselwe kuMosimane yi-Al Jazira kwiTwitter. Naye uMosimane uphendulile ngomlayezo omfishane kodwa omnandi.
“Sawubona mfana wami, Inshallah (okusho ukuthi uma u-Allah evumile ngolimi lwase-Egypt),” kuphendula lo mqeqeshi.
FUNDA NALA: ICity iqinise ngowaseVenezuela ngemuva kokudedela uLakay
USerero noMosimane bake basebenza ndawonye phambilini kwiBafana Bafana kanti kuthiwa banobudlewano obuhle impela.
Iqembu likaSerero lizowuqala ngoLwesine lo mqhudelwano ngokudlala umdlalo wokuhlunga ne-AS Pirae yaseTahiti.
Uma likwazile ukudlula lapha, liyobe selidlulela esigabeni esilandelayo la liyobhekana khona nompetha base-Asia i-Al Hilal yaseSaudi Arabia ngeSonto.
EzikaMosimane zona ziwuqala ngoMgqibelo lo mqhudelwano ngokuthi zibhekane neCF Monterrey yaseMexico engompetha basenyakatho yeMelika.