Useshiye phansi eKapa waqoma KwaZulu uKolisi

USiya Kolisi osedeliwe kwiProvince nozokwethulwa yiSharks maduze

MTHOKOZISI MNCUSENI

Konke sekumi ngomumo ukuthi iCell C Sharks iwubambe ufishi omkhulu ongukaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi osehlukanise konke obekumhlanganise neWestern Province.

Kusukela unyaka uqala bezivele ziwunuka ukuthi uKolisi uzofulathela iKapa abhekise amabombo eThekwini njengoba leli qembu lingena kwelinye izinga kwazise seliphethwe e-United States of America (USA).

Yize bekunjalo kodwa bekulokhu kunongabazane ngokuthi kuzokwenzeka ngempela yini lokhu. Kuke kwavela nenkinga yemali ebifunwa yiWestern Province (R1 million) uma izomdedela ingakapheli inkontileka abanayo naye lo mdlali.

Inkontileka kaKolisi obe ngowebala elimnyama wokuqala emhlabeni ukuqukula iNdebe yoMhlaba yombhoxo ngo-2019 neWestern Province ibiphela ngo-Okthoba.

“Silinde ukuthi aqede konke nenyunyana yakhe (iWestern Province) bese siyaqeda naye nathi. Ufuna okufunwa yithi yingakho izingxoxo phakathi kwethu naye zishelela,” usho kanje sakukloloda u-Ed Coetzee oyisikhulu esiphezulu seSharks egoloza ukukhona u-R1 million obufunwa yiWestern Province ngempelasonto.

Kugcine kuqinisekisiwe ngeSonto ekuseni ukuthi umshado uphelile phakathi kukaKolisi neWestern Province ekhiphe isitatimende yize besisadida.

“Izonqanyulwa inkontileka kaKolisi neWestern Province yize bekumele iphele ngo-Okthoba. Nakuba sikuzame konke okusemandleni ukuyivuselela, uKolisi uqome ukungakwenzi lokho.

“Usekhululiwe-ke kwinkontileka abenayo nathi, yinqobo nje uma sizothola imali esiyibheke ngokuhamba kwakhe (ingakapheli inkontileka),” ifundeka kanje ingxenye yalesi sitatimende.

Sinakho ukudida kancane lesi sitatimende ngoba sisakhuluma ngemali (okufanele ikhishwe yiqembu elimthathayo) kodwa-ke iSharks ayikufihli ukuthi ngeke ikhokhe ngisho isenti ngoKolisi ngoba baxoxa naye uqobo hhayi iqembu abelidlalela.

Lo kaputeni wamaBhokobhoko usayine kwiWestern Province eminyakeni engu-11 edlule. Uqale emazingeni aphansi kwazise ufike khona ephuma esikoleni.

Uwahambe wonke amazinga waze waqokwa njengokaputeni okuholele ekutheni abe ngowesibili ngokuqala imidlalo emlandweni weProvince lapho eshiywa khona uSchalk Burger yedwa.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.