Useshiyile kuMaZulu uMagubane, angase avumbuke kwelaseGoli noma phesheya

Useshiyile kuMaZulu uMagubane, angase avumbuke kwelaseGoli noma phesheya
USiphelele Magubane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Akuthusanga ukucela ukuthi AmaZulu FC amnike incwadi yokumkhulula ukuba ayozama kwezinye izindawo uSiphelele Magubane. Lo mdlali ofike nesasasa Osuthwini, futhi ebonakala eza kahle, uphelelwe yindawo kuleli qembu ngemuva kokusayinwa koZukile Kewuti noThabo Qalinge.

Lokhu kumenze waqhela kakhulu ekutholeni ijezi kuleli qembu likaBenni McCarthy. Lokhu kumenze wabona ukuthi sekumele ayozama kwenye indawo yize ubesaqede unyaka nje kuphela ekuMaZulu.

“Ube nomhlangano nabaphathi ngoLwesihlanu lapho kuvunyelwene khona ukuthi bayamdedela ukuba angahamba ayozama kwamanye amaqembu,” kusho osondelene naleli qembu.

Impempe ibe seyiqala izama ukuthola ukuthi ngabe kukhona yini lapho asethenjiswe khona uMagubane. Esikutholile wukuthi kunamaqembu amabili aseGauteng, okuyiKaizer Chiefs neSuperSport United okuhlawumbiselwa kuwo.

Kukhona nabamkhomba phesheya, abathi kuneqembu elike lakhonjiswa yena lachazeka kodwa belingakasho lutho mayelana nokumlanda. Kodwa kungenzeka aphelele khona.

UMagubane wazakhela igama ngebhola elihle ayelidlala kwiGolden Arrows kumasizini ambalwa edlule. Waze wagcina eqokwa ekubeni ngomunye wabadlali abasebancane abavelele ngaleyo sizini.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.