Useshiyile kwi-Al Ahly uJohnson okhonjwa kwiPirates neRoyal AM

Useshiyile kwi-Al Ahly uJohnson okhonjwa kwiPirates neRoyal AM
UCavin JOhnson
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi uCavin Johnson akasabuyelanga kwi-Al Ahly lapho abeyiphini lomqeqeshi, uPitso Mosimane, isikhathi esicela onyakeni manje.

Impempe beyike yabika ngeviki elidlule ukuthi uJohnson ungomunye wabaqeqeshi iPirates ecabangela phezu kwabo njengoba ithungatha ozovala isikhala sikaJosef Zinnbauer.

Ngalesi sikhathi uJohnson ubekuleli njengoba bekuyikhefu lemidlalo yamazwe ngamazwe egunyazwe yiFifa.

Sabika ukuthi kunamaqembu amathathu akuleli- amabili kwiDStv Premiership  nelilodwa kwiGladAfrica Championship – afuna lo mqeqeshi.

NgoLwesine sekuvele ukuthi nebala lo mqeqeshi useshiyile kwi-Al Ahly la asewine khona izicoco ezimbalwa okubalwa kuzo neseCaf Champions League kabili.

Yize kungakacaci ukuthi uzophelelaphi, uJohnson kuyacaca ukuthi ngeke awuswele umsebenzi. IRoyal AM nayo kuthiwa ike yabuza ngaye.

Kuthiwa imthandela ukuthi ungumqeqeshi obavumelayo abadlali ukuthi baveze ikhono nethalente labo ngokukhululeka.

“Lokho yinto ebalulekile kusihlalo weqembu u-Andile (Mpisane) ngoba ungumuntu owuthandayo umjiko.

“Lokho wakuveza ngokusayina uMasibusane Zongo kwaze kwaba kabili. Namanje akezwa mshini ngabadlali abafana noKabelo Mahlasela ngoba badlala lento ayithandayo,” kusho umthombo.

IRoyal AM iqeqeshwa nguJohn Maduka njengamanje kodwa sekucacile ukuthi uhlezi ngesinqe esisodwa ikakhulukazi njengoba iqembu liqale ngebatha kwiDStv Premiership.

Ngesikhathi sibika okokuqala ngalolu daba, umthombo owasipotshozela lona wathi ngeke ukwazi ukudalula amaqembu afuna lo mqeqeshi ngoba anabantu abasebenzayo kuwo njengamanje.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.