Useshiyile kwiCeltic uKonco, ngabe uzosebenza kwiPSL?

UKhumbulani Konco

OKADONGA GUMBI
Sekuvele izindaba zokuthi usesule isigubhukane kwiBloemfontein Celtic uKhumbulani Konco obesebe yisikhulu esiphezulu isikhathi eside kuleli qembu laseFree State.
UKonco usule ngoMsonbuluko futhi wavalelisa kubadlali, qede waqoqa okungokwakhe wangena afika ngayo, ngokusho kwe-the beautifulgame.co.za.
UKonco ubesanda kubuyela esikhundleni sakhe kulandela ukuthi kade emisiwe ngusihlalo weqembu, uMax Tshabalala ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Lesi sikhulu singabanye bababalwa ngusihlalo wePremier Soccer League, uDkt Irvin Khoza nyakenye njengabantu okumele bafukanyelwe kahle ukuze baqhubeke nomsebenzi esikhathini esizayo uma bona sebethatha umhlalaphansi.
UKhoza wathi kunabantu abasebasha abangu-12 abazobafaka ngaphansi kwezimpiko zabo ukuqinisekisa ukuthi bafunda konke ngokuphathwa kwePSL.
UKonco ubekade esebhodini lesigungu esiphezulu sePSL kodwa akangabuyiselwa ngesikhathi seliqokwa kabusha nyakenye.
Ukushiya kwakhe isigubhukane kwiPhunya SeleSele kungenzeka ukuthi sekuyizinkomba zokuthi uselungiselela ukuya kwiPSL.
Kungenzeka afakwe ngaphansi kwamaphiko kaMato Madlala oyisikhulu esiphezulu esibambile, ukuze afunde ngenhloso yokuphatha lesi sikhundla esikhathini esizayo.
UMadlala useke wakuveza ukuthi angathanda ukushiya kulesi sikhundla asesibambe iminyaka engaphezu kwemithathu njengoba esekhathele wukugqigqa phakathi kweTheku neGoli.
Neqembu lakhe, iLamontville Golden Arrows ulishiya lodwa uma eseyinaka izindaba zokuphathwa kwePSL.
Nokho iningi labaphathi bamaqembu alifuni ashiye lesi sikhundla sakhe futhi lazama ukuba aqokwe ngokugcwele kuso, kodwa wenqaba.
Kuzokhumbuleka ukuthi kungaphansi kwesandla sakhe la iPSL yenze khona inzuzo engaphezu kwebhiliyoni, okuyinto eyimpumelelo enkulu nekhomba ukuthi uyakwazi umsebenzi wakhe.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *