Usethandazela ‘ufefe’ lwePirates uMcCarthy

UBenni McCarthy

SIHLE NDLOVU

Njengoba ukuthi iqembu lakhe, AmaZulu FC lilale ngeSonto lisaqhwakele kwiDStv Premiership kuncike kwi-Orlando Pirates, uBenni McCarthy usethembele kuleli qembu ake walidlalela ukuthi lebenzele ufefe.

IPirates izobhekana neMamelodi Sundowns ngeSonto ntambama, kanti uma ingayishaya, Usuthu lungaqhubeka nokuqhwakela.

Usuthu lugxumele phezulu kwilogi ngemuva kokushaya omkhaya balo iGolden Arrows ngo 1-0 ngoMgqibelo.

Nokho luphambili ngamaphuzu amabili kwiMasandawana, yingakho uMcCarthy emincele ukuthi iphume ilambatha e-Orlando Stadium.

“Ngithemba ukuthi iPirates neSundowns bazosinika umdlalo omuhle. Sizobona ukuthi kwenzekani kusasa (ngeSonto).

“Kulo nyaka esibe nawo oneCovid, neDStv Premiership entsha, ufuna ukufika emdlalweni wokugcina wesizini.

“Ngithemba ukuthi iPirates izokwenzela izwe ufefe. Benze lokhu okumele bakwenze. Ngeke phela bashaywe kathathu kulandelana yiqembu elilodwa.

“Ngeseka abafana bami abagqoke okumnyama… sizoyidudula kuze kube sekugcineni iSundowns.”

IBucs kufanele ukube isenegqubu neMasandawana kwazise isanda kubukisa ngayo ezweni iyibhaxabula ngo 4-1 emdlalweni weNedbank Cup.

Kuzoshuba ke nokho ngoba neSundowns izobe ifuna ukubuyisa isithunzi sayo kulandela imiphumela elandelanayo engemihle.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com 

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.