Usethembe iVAR eMorocco uParker weChiefs

UBernard Parker
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IWydad Casablanca ike yabukisa ngeKaizer Chiefs emidlalweni yamaqoqo yeCAF Champions League iyinenebula ngo 4-0 eMorocco, emlenzeni wokuqala.

Nokho iChiefs izibuyisile izinduku iwina ngo 1-0 emlenzeni wesibili eFNB Stadium, yize abaningi bekholwa ukuthi yathanjiselwa ngoba akufikanga iqembu eliqinile leWydad.

La maqembu azithola ebhakana futhi emilenzeni emibili emidlalweni eyandulela owamanqamu. IChiefs iyona ezovakashela iWydad njengoba la maqembu ezotholana phezulu ngoMgqibelo.

UBernard Parker, ongukaputeni weChiefs njengamanje, uthi leli qembu laseMorocco bafuna ukulifundisa inhlonipho.

“Into enhle ukuthi sike sabhekana nabo phambilini. Umdlalo wokuqala awuzange uhambe kahle, akubanga umphumela omuhle. Umphumela wesibili waba muhle ngoba sase sibazi.

“Asibavumelanga bazenzele eFNB, sawina. Manje sesizodlala nabo emdlalweni owandulela owamanqamu, futhi sesiyabazi,” kusho uParker.

“Okwethu manje ukuthi sigxile ekusevenziseni amaqhinga ethu. Indlela ababuye bangasihloniphi nabangasiniki ngayo ingonipho esiyidingayo, sizoya laphaya siyoyilanda leyo nhlonipho. Sizobakhombisa ukuthi sidinga ukuhlonishwa.”

Kuhlale kukhalwa ngezinqumo zonompempe uma kudlalwa imidlalo yeCAF. Kunamagoli aphikwayo kube kuyiwona kuphinde kuphume namakhadi ashayisa amakhala.

Amaqembu akhala kakhulu ngalokhu awaseNingizimu Afrika abuya ekhihla esikaNandi njalo ikakhulukazi uma kade edlala ngaphandle.

Okumnandi nokho kulokhu ukuthi kuzobe kukhona iVideo Assistant Referees (VAR) okuyinto emjabulisayo uParker.

“Ukuletha iVAR kweCAF kuzokwenza izinto zibe ngcono kakhulu enkundleni. Siyayazi indlela edlala ngayo iWydad iyakwazi ukuthola ama-free kick.

“Bayakwazi ukwenza umdlalo uvumele bona ngokwesipiliyoni sabo. Sikubhekile lokho futhi njengoba sesike sabhekana nabo sesihlakaniphile futhi sesifundile.

“Sidinga ukucabanga ngesikwazi ukukwenza, okuyinto ebalulekile kithi. Ukunaka lokhu okwenzeka kithi yikho kanye okusibeke emidlalweni eyandulela owamanqamu.

“Ukufika kweVAR kuzosisiza kakhulu. Nginesiqiniseko sokuthi ngosuku lo mdlalo uma siya ngemiqondo emihle kungenzeka noma yini,” kuphetha uParker.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *