Usethembe uMdali uJomo obhekene nezembe kwiChampionship

UJomo Sono
Alfred Ngubane

UJomo Sono, oqeqesha iJomo Cosmos, ukhala ngokuqwasha ngenxa yomphumela wangempelasonto lapho iqembu lakhe lidliwe yiVenda Academy ngo 3-2 koweGladAfrica Championship.

Lo mqeqeshi ugxeke abadlali bakhe ngokudedela umdlalo ekhaya kade ebadonse ngendlebe. Ekhuluma neMpempe uthe abehli nhlobo ubuthonga ngalo mphumela njengoba iCosmos ibhekene nokudliwa yizembe.

“Sengithembe kumdali ngokuthi iqembu lisinde ezembeni. Kuyimanje ngimatasa ngilungisa amaphutha esiwenzile kulo mdlalo. Kodwa ithemba angililahlile, ngibona sizolivika izembe,” kusho uSono.

Ezenkosi ziyibambe emsileni kwilogi yeChampionship njengoba sekusele imidlalo emine kuphela kusongwe isizini. ICosmos inamaphuzu angi-21, kanti iTS Sporting engenhla kwayo inawu-24.

“Le nto isiyangigulisa ngempela, ukuhlala ngivika izembe. Inkinga yethu ukuthi siyiqala kabi imidlalo yokuqala njengoba singaphansi kwefu elimnyama manje,” kubalisa uSono

Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini iCosmos yavundulula abadlali abaningi abahlonishwa umhlaba wonke ngenxa yamagalelo abo.

Lapha singabala abadlali abafana no-Augustine “Mthakathi” Makalakalane, Pitso “Jingles” Mosimane, Philemon Masinga, Sizwe Motaung, Linda Buthelezi, Helman “Ncane” Mkhalele, Eugene Zwane, Vusi “Mabhece” Mgncwango, Innocent Mngcwango, Mark Williams, Mark Fish, Chris Molebatsi, Tony Caitano, nabanye abaningi.

Banqoba izindebe eziningi kakhulu, uma singakha phezulu nje yiNational Soccer League (NSL), yiCoca-Cola Cup, neSAA Supa 8.

ICosmos izobhekana neTshakhuma FC emdlalweni olandelayo weligi, eThohoyandou Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama. Ukushaywa kulo mdlalo kuzokhulisa ingcindezi kwiCosmos njengoba kuzobe sekusele imidlalo emthathi kuphela.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.