Usethembele ‘kumgadli’ omusha wePirates uZinnbauer

UDeon Hotto noVincent Pule be-Orlando Pirates

OKADONGA GUMBI

Kuvele isidingo sokuthi umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer aphendule abadlali basesiswini babe ngabagadli kulandela ukulinyalelwa yibo bonke abagadli bakhe.

IBucs idonsa kanzima ekushayeni amagoli ngenxa yokuthi oZakhele Lepasa, Tshegofatso Mabasa noGabadinho Mhango balimele.

Laba bagadli bebeyiqale kahle isizini bezitamuzela nje emagolini kodwa baba nebhadi lokulimala osekukhinyabeze iqembu.

Ngenxa yalokhu, uZinnbauer ube esezama uThembinkosi Lorch phambili. Uke wayibamba phambili kwangconywana, kodwa naye usevele walimala.

Lo mqeqeshi ube esephesha ngoDeon Hotto emdlalisa njengomgadli bebhekene neMaritzburg United emdlalweni weNedbank Cup ngempelasonto, kwaba ngconywana.

Lo mdlali waseNamibia uyibambe kahle futhi washaya negoli elibuyise eZimnyama emdlalweni kade sezilandela ngemuva, wasala enconcoza uZinnbauer.

“Uhlale eyinkinga kubadlali abamgadile. Akekho ongamkhona, uhlezi evutha nje,” kusho uZinnbauer ngale nsizwa eneminyaka engu-29.

“Uyinkinga eliphethe noma engaliphethe ibhola kanti lokho kuyalisebenzela iqembu. Udlala njengomgadli njengamanje, ubambe indawo ebidlalwa uLorch,” kuchaza lo mqeqeshi waseGermany.

Kunokuxakayo nokho ngokusebenzisa kukaZinnbauer abadlali basesiswini njengabagadli ebe ekhona uJean-Marc Mundele abambolekwe yi-AS Vita Club yaseCongo DR.

Lo mgadli ufike kuleli enconywa kakhulu kuthiwa akalibheki ipali, futhi ukhombisile lokho eshaya igoli emdlalweni weCAF Confederation Cup eBotswana emasontweni ambalwa edlule.

“Sinaye uMundele ongumgadli. (Kodwa) Usadinga isikhathi ukujwayela indlela esidlala ngayo. (Futhi) UHotto udlala kahle njengomgadli, siyajabula ngokuba naye.

“Uphinde wakora futhi uhlezi evela ezikhaleni uma sihlasela, ngicabanga ukuthi nguyena mdlali oqavile esinaye njengamanje,” kuchaza uZinnbauer.

UZinnbauer uzohlala ethembeni lokuthi uHotto uzoqhubeka nomgqigqo wakhe uma sebebhekene neBloemfontein Celtic emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium ngoLwesibili ntambama.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.