Usethi khumu ekudlaleni uJP osezothatha esokuqeqesha kwiSharks

U-JP Pietersen usewabeke ethala amakhokho

MTHOKOZISI MNCUSENI

Sesiwabeke ethala amakhokho ngemuva kweminyaka engu-16 isilomo somdlali wamaBhokobhoko neCell C Sharks, u-JP Pietersen.

Nokho ngeke alahleke embhoxweni kwazise umemezele ukuthi uzothatha isikhundla sokuqeqesha kuyona iSharks kodwa ezinkulisa zakhona.

Lesi siphekepheke esineminyaka engu-34 ubudala sidlalele iSharks emidlalweni engu-180 emiqhudelwaneni ehlukene kanti kuMaBhokobhoko uboshelwe amahlandla angu-80.

UPietersen ubengomunye wabadlali ababe nesandla ekutheni iNingizimu Afrika ibe ngompetha bomhlaba bombhoxo ngo-2007.

Ngo-2005, uPietersen ufike kwiSharks esuka ngqo esikoleni kodwa kwasheshe kwacaca ukuthi uzogcina engumdlali omqoka kuleli qembu.

Nangempela kwenzekile lokho njengoba ebeka phansi amakhokho ebalwa nezinkakha kuleli qembu laseThekwini kanjalo nasembhoxweni wezwe.

Phakathi kuka-2013 no-2019, uPietersen uke wadlalela iPanasonic Wild Knights yaseJapan, Leicester Tigers yase-England neToulon yaseFrance.

Kubona bonke lobu bukhazikhazi bokudlala phesheya lo mdlali uphinde wabuyela ekhaya njengoba eze ethi khumu nje eseThekwini lapho akhulela khona.

“Ngaphandle kokumbongela u-JP (Pietersen) ngendlela adlale kahle ngayo eminyakeni edlule nakho konke ahlabane ngakho kubalulekile ukucacisa ukuthi ngeke sikukhohlwe ukwethembeka kwakhe eqenjini,” kusho u-Eduard Coetzee oyiChief Executive Officer (CEO) kwiSharks.

Lesi sikhulu sithe bayakitazeka ukuthi umuntu ofana noPietersen ohlabane ngakho konke okukhona embhoxweni uzongena ezinkulisa zabo.

“Angingabazi abafana abazophuma esandleni sakhe bazobe bewuswidi njengaye. Konke akwenzele iSharks kuyakhazimula ngakho-ke nasemsebenzini wakhe omusha asingabazi ukuthi kuzoba kuhle konke.

“Konke okuhle okwenzeka kuye kumfanele u-JP yingakho singangabazi ukuthi sithathe isinqumo esifanele ngokumgcinela izinkulisa zethu,” kusonga uCoetzee.

UPietersen yena uthe: “Kube enkulu intokozo ukudlalela iqembu engikhule ngiwumlandeli walo vele. Konke engikuzuzile embhoxweni kungenxa yeSharks.

“Ngenxa yeSharks ngikwaze ngisho ukumela izwe lami ngomdlalo engizifelayo ngawo. Ngizishaya isifuba ngengikwenzele iSharks namaBhokobhoko. Ngizinikele ngakho konke enginakho.

“Ngingena komunye umkhakha manje nakhona enginethemba lokuthi kukhona engizokutshala kubafana abancane ngoba nami ngasizwa,” usho kanje uPietersen ezibongela.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *