Usetholakele ozovala esikaTruter kuMaZulu

Usetholakele ozovala esikaTruter kuMaZulu
U-Ernst Middendorp okhonjwa kuMaZulu

 

Kuzovala isikhala esishiywe  uBrendon Truter oxoshwe ngoLwesine kuMaZulu FC ngo-Ernst Middendorp, ngokuthola ngomthombo weMpempe.

Kuthiwa kulungiswa amaphepha okusebenza manje ukuze aqale umsebenzi ngokushesha.

Lo mqeqeshi ugcine ukusebenza kwiMaritzburg United ngesizini edlule. Umsebenzi wakhe uthathwe nguJohn Maduka obekade eqeqesha iRoyal AM ngaphambi kwalokho.

UMiddendorp akamusha ebholeni lakuleli njengoba eseqeqeshe amaqembu amaningi  okubalwa kuwona iKaizer Chiefs, iMaritzburg United, iChippa United, iFree State Stars, neLamontville Golden Arrows.

Lo mqeqeshi waseGermany uyaziwa ukuthi unolaka kakhulu kubadlali nokuthi ungumqeqeshi ongancethezi.

Kodwa yena unalo ishwa njengoba engenayo inhlanhla yokunqoba Izindebe.

Kulindeleke ukuthi athulwe maduze Middendorp kuMaZulu njengoba ingamile imidlalo yeDStv Premiership.

Usuthu lugcine lushaywe yiRichards Bay FC ngo 1-0 ngoLwesithathu nokuholele ekutheni kuxoshwe uTruter.

Leli qembu laseThekwini lisazobhekana neChiefs emlenzeni wesibili weMTN8 eMoses Mabhida Stadium ngo-Okthoba 23.

Umlenze wokuqala walo mdlalo owandulela owamanqamu, uphele ngo 1-1 eFNB Stadium.

– Alfred Ngubane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *