Usevelile ofuna ukuthenga iMaritzburg, ubanjezelwe yizibhelu

Usevelile ofuna ukuthenga iMaritzburg, ubanjezelwe yizibhelu
UDkt Bongani Gumede
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Facebook

Usomabhizinisi waseMzimkhulu, uBongani Gumede, useveze ukuthi kubambezele izibhelu eziqubuke KwaZulu-Natal kuleli sonto, ukuthi aqedele izingxoxo zokuthenga iMaritzburg United.

Lo somabhizinisi ungumnikazi weqembu elidlala kwi-ABC Motsepe League khona eKZN, iG Millionaire, kanti uselifake endalini ngoba esefuna ukuthenga iMaritzburg.

Usihlalo weMaritzburg, uFarook Kaddodia, waveza ukuthi useyalidayisa leli qembu lakhe ngenxa yokuthi usedonsa kanzima kwezemali, ngakho ngeke esakwazi ukumelana nezindleko zalo.

Lokhu kulandela ukuthi kuvalwe izwe kwabe sekuvinjelwa nabalandeli ukuthi baye ezinkundleni. IMaritzburg beyenza imali engcono ngabalandeli abebegcwala eHarry Gwala Stadium, njalo uma idlala.

Nokudayiswa kwejezi leqembu kwehle ngendlela eyisimanga njengoba abalandeli bengasayi nje ezinkundleni. Nokuvalwa kwemali yoxhaso lukamasipala waseMgungundlovu, kulithikamezile leli qembu kwezemali.

I-FAR Post seyibike ukuthi uGumede nguyena ohamba phamabili njengamanje ekutheni athenge leli qembu njengoba sekusele kancane aqede konke.

“Impela ngiyayidayisa iG Millionaire ngoba ngifuna ukuthenga iMaritzburg United. Okwamanje akukaqedwa lutho ngezingxoxo,” ucashunwe esho kanje uGumede.

“Sinethemba elikhulu, bese kusele kancane siqede konke kodwa kwabheduka izibhelu esifundazweni okubambezele izingxoxo. Sekushoda siqinisekise izinto ezimbalwa nje bese silithatha iqembu kube ngelethu,” kuchaza uGumede.

Yize bebeqhubeka bexhumana nabeMaritzburg ngezingcingo kuleli viki, kodwa kunezinto okumele  zihlalelwe phansi kubonwana ukuze kuqedwe kahle konke.

“Besilokhu sixhumana ngocingo nabaqondisi beMaritzburg futhi sekusele kancane siqede. Ngiyaxhumana futhi nabantu abafuna ukuthenga iG Millionare. Nakhona baningi abanesifiso sokuyithenga kodwa babuye bathula.

“Izinhlelo zethu wukuthi uma siyithola iMaritzburg siyifudukisele eMzimkhulu ngoba inhloso yokuthenga iqembu ukusiza ekuthuthukiseni idolobha lethu elisendaweni yasekmakhaya.

“Sifuna ukuvula amathuba emisebenzi kubantu abasha endaweni nokuphucula izinga lempilo kuleli dolobha. Sesike sakhuluma nomasipla iHarry Gwala District neBuhlebezwe Local municipality kodwa okwamanje akukho esisavumelene ngakho nabo. Sizodinga izinsiza ezifana nezinkundla kubo.

FUNDA NALA: UBaxter uhambe phezu kwamaqanda ngodaba lwephenathi elimaze iChiefs

“Sifuna ihhotela esizolithenga (silenze isizinda seqembu) bese sidinga inkundla esezingeni elifanele imidlalo yePSL kumasipala,” kuchaza uGumede.

Umzimkhulu awuqhelile kangako eMgungundlovu futhi iqembu lingaqhubeka lidlale eHarry Gwala Stadium okwesikhashana kusalungiswa kuleli dolobha uma begcina ngokudayiselana.

Umasipala waseMgungundlovu, uMsunduzi uke wakuveza ukuthi awuthandi leli qembu lisuke kuleli dolobha ngoba kuzoba nomthelela omubi lokho.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.