Useyayibona inyamazane abayihubha kwiChampions League oweChiefs

UGavin Hunt

OKADONGA GUMBI

Ukuwela isiziba sokuqala ngempumelelo sekunike umqeqeshi weKaizer Chiefs ithemba lokuthi bengayijaha bayifice inyamazane kwiCaf Champions League, babuye nayo bezoyiphanyeka eNaturena.

Cishe leli qholo asenalo uHunt lenziwe wukubona ukuzikhandla nokuzinikela okukhonjiswe abadlali bakhe bebuya sebelandela ngemuva kwaze kwaba kabili ukuze umdlalo uphele ngo 2-2, okuyikhona abebekudinga vele ukuwelela esigabeni esilandelayo kulo mqhudelwano.

“Besazi kahle ukuthi ukuze sidlulele phambili kumele sidlale ngokulingana kodwa kube namagoli, noma siwunqobe umdlalo.

“Silwile kunzima, abadlali bawakhiphe wonke amangwevu, futhi lokhu kuyimpumelelo enkulu,” kusho uHunt ngemuva kwalo mdlalo obuseGuinea ngoMgqibelo ebusuku.

“Bekungokokuqala sifika esigabeni samaqoqo, futhi okokuqala sidlula kuso siya kwesilandelayo. Yinto enkulu le esiyizuzile ukuba semaqenjini ayisishiyalombili asele.

“Siyazi sekuzoshuba kakhulu manje. Sesilifakile igama lethu esigqokweni namanye azoqhathwa esigabeni somkhumulajezi. Kodwa lokho sizozikhathaza ngakho uma sekwenzeka.”

Ebuzwa ukuthi njengoba enezicoco eziningi nje, okubalwa kuzo ezine zeligi, ngabe le mpumelelo kwiChampions League uyibekaphi kulokhu asekuzuzile njengomqeqeshi, uHunt uthe abakenzi lutho okwamanje.

“Ehm, yah… asikawini lutho, sidlulele esigabeni esilandelayo nje kuphela… umqhudelwano onzima lona, futhi lokhu sikwenze singazange sisayine noyedwa umdlali – kumele ukubuke ngalelo liso.

“Uma ubheka iqembu esenze ngalo lo msebenzi, lukhulu lokhu esikuzuzile – lukhulu kakhulu,” kuchaza uHunt.

“Kodwa sidinga ukuwina izicoco zeligi, yilokho okusemqoka. Sengiziwine kane, nesisodwa sesigaba sokuqala (NFD) nezinye izindebe eziningi.

“Kodwa lesi sikhulu kakhulu futhi sesiphambi kwethu manje. Sesiyasinukela manje, kodwa ake silinde, sibone ukuthi siqhathwa nobani emdlalweni olandelayo.”

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.