Useyoqeqesha kwiPremiership uDladla oxoshwe yiRichards Bay

USimo Dladla
UDABA: OKADONGA GUMBI
ISITHOMBE: TWITTER

Useqashwe yiSwallows FC uSimo Dladla oxoshwe yiRichards Bay ngasekuqaleni kweviki. Lezi zindaba zidalulwe yiDube Birds ezinkundleni zayo zokuxhumana ngoMgqibelo emini.

Bekungapheli ngisho iviki ephelelwe ngumsebenzi njengoba eseya kwiSwallows. Ubexoshwe kulandela ukuhlulwa ukudla isicoco seGladAfrica Championship ngemuva kokuzihola phambili isikhathi eside.

Nokho ukuxoshwa kwakhe kwabanye kubonakale kube wukuthatha ngenhliziyo kwabaphathi beqembu kwazise iNatal Rich Boyz isangangena kweyokuhlunga.

KwiSwallows uzoba yiphini lokuqala likaBrandon Truter. Naye uTruter waya kwiSwallows kade exoshwe yiRich Boyz, wafike wagila izimanga ewina isicoco seChampionship kanti nakule sizini iZinyoni ziyibambe kahle kwiDStv Premeirship.

“ISwallows FC yamukela obengumqeqeshi weRichards Bay uSimo Dladla esidlekeni seZinyoni. UDladla uzoba yiphini lokuqala likaTruter. Iqembu noSimo Dladla bavumelane ngenkontileka yokusebenzisana yeminyaka emithathu,” kubhala iSwallows.

Bekungekhona okokuqala uDladla esebenza kahle kwiChampionship bese kumbhimbela ekugcineni. Kwenzeka esifanayo nakwiReal Kings ngesizini yayo yokuqala kwiChampionship. Nokho ngeke esakukhalela lokho ngoba selifezekile iphupho lakhe lokusebenza kwiPremiership.

Eminyakeni embalwa edlule kwake kwavela ukuthi i-Orlando Pirates iyamfuna kodwa wenqatshiswa wukuthi ifuna ukumfaka ezinkulisa zayo.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.