Usezama inhlanhla kwiGallants owagajwa yiChiefs

Usezama inhlanhla kwiGallants owagaxwa yiChiefs
USiphelele Ntshangase
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Usedlulele eqenjini lesibili ayozama kulo inhlandla osanda kudedelwa yiKaizer Chiefs, uSiphelele Ntshangase njengoba eseziqeqesha neMarumo Gallants yasePolokwane, eLimpopo.

Lo mdlali oxoshwe yiChiefs sekusele izinyanga ezimbili kuphele isizini edlule, useke wazama nakwiSekhukhune United kodwa kwangamlungela.

Nokho sekuvele ukuthi izinto ngathi zimhambela kangcono kwiGallants futhi kungenzeka agcine esayiniwe maduze nje.

Ngokuthola kweMpempe abaphathi bakaNtshangase sebeqalile vele ukuxoxisana naleli qembu ukubona ukuthi akukho yini abangavumelana ngakho.

Kuthiwa abaqeqeshi basachazekile ngabakubonile kuye kusukela eqalile ukuziqeqesha neqembu ngasekuqaleni kwesonto.

“Kubukeka sengathi kuzomlungela kulokhu futhi kungenzeka kuqedwe konke kulo leli sonto,” kusho umthombo osondelene nalo mdlali.

Kuvele ukuthi into eyenza kubukeke kuzoba lula ukuba athwathwe kwiGallants uNtshangase wukuthi iphini lomqeqeshi kulo, uJean Luscioto uyamazi njengoba bake basebenza bonke kwiBlack Leopards phambilini.

UNtshangase unekhono elihle kodwa wehluleka wukuzakhela igama kwiChiefs yize ayefike ethwelwe ngeqoma kuyo kanti abanye sebesola ukuthi wesindwa yijezi laMakhosi.

FUNDA NALA: Ayikho le ndaba kaMbule neChiefs, kusho uMakaab

“Kuyenzeka phela izinto zingakuvuni nje eqenjini hhayi ngoba nakhu ungumdlali obhedayo. Yingakho esafuna iqembu azoziveza kulo ukuthi ungumdlali omuhle kanjani,” kusho lo mthombo.

Uma egcina esayinile kwiGallants, uNtshangase uzobe engaqali ukuhlala ePolokwane kwazise kufana nokuthi ukhulele khona njengoba aqala ukudlala kwiLeopards yakhona eLimpopo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.