Usezodlala kwelaphesheya umdlali waseZimbabwe owayekwiChiefs

Usezodlala kwelaphesheya umdlali waseZimbabwe owayekwiChiefs
Alfred Ngubane 

Umdlali waseZimbabwe owayedlalela iKaizer Chiefs, yamxosha qede wagudla emaqenjini ehlukene kuleli usegcine efudukele eSaudi Arabia.

U-Ovidy Karuru wafika kwiChiefs ethwelwe ngeqoma kodwa izinto zakhe azangaqonda wagcina echithiwe yileli qembu laseNaturena.

Ukusuka lapho useke wadlala kuMaZulu FC, Stellenbosch FC neBlack Leopards kanti ubengasenaqembu kuze kube usevumbuka e-Asia.

Usethole ikhaya elisha eSaudi Arabia eqenjini elidlala kwiSecond Division yakhona i-Al -Shaulla FC.

UKaruru ufice umkhaya wakhe waseZimbabwe uKnowledge Musona kuleliya lizwe njengoba yena edlala kwi Saudi Pro League.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.