Usezogqoka inamba eyadunyiswa o-Ace noTsikitsiki uNgcobo kwiChiefs

Usezogqoka inamba eyadunyiswa o-Ace noTsikitsiki uNgcobo kwiChiefs
UNkosingiphile Ngcobo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Kaizer Chiefs

Isihlabani esisakhula seKaizer Chiefs, uNkosingiphile Ngcobo ujabule ngokuthi usengene ezingeni labadlali ababalulkile eqenjini njengoba esezogqoka inamba eyadunyiswa yizinsephe zeqembu.

IChiefs seyiveze ukuthi uNgcobo uzogqoka ijezi elinonombolo 12 emhlale kule sizini ezayo. UNgcobo ube ngomunye wabadlali abebevelele kwiChiefs yize isimo besibucayi ngesizini edlule.

Ubegqoka unombolo 37 ngesizini edlule. Kodwa ukhombise ukuzethemba ekhetha inamba engasasetshenziswa kuleli qembu waligqoka emidlalweni yeCaf Champions League.

UNgcobo ubesebenzisa unombolo 15 kwiChampions League la iChiefs ihambe khona yaze yafika kowamanqamu la ihlulwe khona yi-Al Ahly.

Le nombolo yayeka ukusetshenziswa kwiChiefs ukuhlonipha isihlabani esinguDoctor Khumalo. IChiefs ikuveze ngoLwesine ukuthi uNgcobo usezosebenzisa inamba eyadunyiswa ngoPatrick “Ace” Ntsoelengoe, Donald “Ace” Khuse noThabo “Tsikitsiki” Mooki.

“Ngijabule kakhulu ngokuthi sengizogqoka unombolo 12 ngoba umlando weqembu uthi iyahlonishwa kakhulu le namba,” kusho uNgcobo.

FUNDA NALA: UTruter uchaza okwenze bengamsayini uLebese kwiSwallows

“Ngizimisele ukusebenza kanzima futhi ngizohlale ngizimisele, ngiwakhiphe wonke amangwevu. Engimaziyo ukuthi wayeyigqoka le nombolo ngumqeqeshi (wasenkulisa yaseChiefs) uDonald “Ace” Khuse oyinkakha yeqembu.

“Ngizosebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi ngibalwa nomunye owayidumisa le nombolo eqenjini,” kusho lo mdlali odabuka eMgungundlovu.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.