Usezolikhombisa kwiRovers ithalente lakhe uChawapiwa

Usezolikhombisa kwiRovers ithalente lakhe uChawapiwa
Alfred Ngubane

UTalent Chawapiwa usethole ikhaya elisha kwiPlatinum City Rovers edlala kwiGladAfrica Championship ngemuva kokuchithwa yiSikhukhune United engomakoti beDStv Premiership.

Lo mdlali waseZimbabwe waba ngomunye okwathi uma kufika uBenni McCarthy kuMaZulu FC wafakwa amasondo wavumbuka kwiSikhukhune United.

Nakhona uhlale uhhafu wesizini wadlala imidlalo eyisishiyagalombili wangashaya nelilodwa igoli, abaphathi beqembu banquma ukumkhulula njengoba esevumbuka kwiRovers.

Umqeqeshi weRovers, u-Ashwin Sutton ukuqinikisile kwiMpempe ukuthi bamsayinise inkontileka yonyaka owodwa lo mdlali.

FUNDA NALA: UBenni uqolosha ngakushiye ekwenzile Osuthwini

“Simsayinile impela. Kodwa okwamanje kube yinkontileka yonyaka owodwa. Sesobona uma kuhamba isikhathi ukuthi siyayelula noma senza kanjani,” kusho uSutton.

Uphinde waveza ukuthi uchazekile indlela adlale ngayo ejimini. Uthe namaphepha akhe uChawapiwa okusebenza aselungile futhi ubezoqala ukudlala kodwa ngenxa yekhefu leFifa uzolinda.

Lo mdlali uzofica ezinye izihlabani ezazidume kwiPremiership kuleli qembu njengoba kukhona u-Oupa Manyisa owaduma kwi-Orlando Pirates noThabiso Nkoana owayekwiSuperSport United no-Olaleng Shaku owayekwiBaroka FC.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.