Usezolwela ukudlala njalo uTshobeni weBucs ngemuva kokudlala okokuqala eqenjini elikhulu

OkaDonga Gumbi

Njengoba esebuzwile ubumnandi bokudlala eqenjini elikhulu, umfanyana oneminyaka engu-18 we-Orlando Pirates, u-Azola Tshobeni usefuna kube yinto ejwayelekile ukungena esikimini esiqala imidlalo.

UTshobeni uthuse abaningi ebonakala eqenjini ebelizoqala umdlalo ngesikhathi iBucs ibhekene neMaritzburg United emdlalweni weDStv Premiership ewunqobe ngo 1-0 ngoMgqibelo.

Into ethusile wukuthi ubezodlala endaweni edlalwa nguBen Motswari ongomunye wabadlali abawumgogodla kuPirates, kanti kukhombise nesibindi sikamqeqeshi, uJosef Zinnbauer njengoba emgaxe emdlalweni onzima kanjeya nabebedinga ukuwuwina ukwehlisa ingcindezi eqenjini kulandela imiphumela ebingemihle ngaphambi kwalo mdlalo.

“Ngijabule ngendlela engidlale ngayo umdlalo wami wokuqala,” kusho lo mdlali osanda kwenyuselwa eqenjini elikhulu esuka enkulisa yeBhakhaniya edlala kwiDStv Diski Challenge.

“Kodwa okubaluleke kakhulu, ngijabulele amaphuzu aphelele esiwaqoqile. Ngokwami ngingedwa, kube wusuku lokuzigqaja kimi nomndeni wami.

“Kade balinda ukuthi ngidlale umdlalo wami wokuqala, kusukela ngiqeda ukwenyuselwa eqenjini elikhulu. Namanje angikakholwa ngoba bengingalindele ukuthi ngisheshe kangaka ukudlala.

“Ukuthi ngiwuqalile umdlalo kwenza kube yinto enkulu kimi,” kuchaza uTshobeni. Uvumile ukuthi uke waba novadlwana umdlalo usanda kuqala kwazise ubengakholwa ukuthi wuye ngempela lo onikwe umsebenzi wokulawula isisu seqembu elikhulu kangaka.

“Ngesikhathi kukhala impempe yokuqala komdlalo, bengithukile. Yize bekungekho muntu enkundleni bengazi ukuthi baningi abasibukelayo kulo lonke izwe. Bekunzima impela ekuqaleni, ngibonga ozakwethu ngokungisiza ukuthi ngehlise umoya.

“Ukungigqugquzela kwabo ngesikhathi umdlalo uqhubeka kungisizile ngakwazi ukudlala ngikhohlwe wokunye.”

Uthi ukudlala kwakhe okokuqala sekumfake ulobi wokufuna ukudlala njalo, ngakho usosebenza ngokuzikhandla ukuze aphinde anikwe ithuba futhi.

“Njengoba sengidlulile emdlalweni wami wokuqala, ngethemba ukuthi ngizokwakhela phezu kwalesi siqalo bese ngidlala imidlalo eminingi. Phela kungenye into ukudlala umdlalo owodwa, kodwa ukudlala njalo kudinga usebenze kanzima ngokuphindiwe,” kubeka uTshobeni.

UTshobeni uzothemba ukuthi wenze kahle ngokwanele ukuthi uZinnbauer aphinde amqalise uma sebebheke neTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibi ngo 5 ntambama e-Orlando Stadium.

Leave a Reply

Your email address will not be published.