Usezomenyezelwa ngeviki elizayo umqeqeshi weBafana

UHerve Renard

OKADONGA GUMBI

Sekuhlehlisiwe ukumenyezelwa komqeqeshi omusha weBafana Bafana obekulindeleke ngoMgqibelo emini, iSafa ithi isizathu kube yizinkinga zokuhamba ezidalwe yiCovid-19.

Lokhu kucacisa ukuthi lo mqeqeshi oseqokiwe akekho kuleli njengamanje okusho ukuthi akuyena uBenni McCarthy noma u-Eric Tinkler abangabanye abebebhekiwe kulo msebenzi.

Amagama oHerve Renard waseFrance, Hugo Broos waseBelgium noCarlos Queiroz yiwo asendiza emoyeni okuthiwa ikomidi ebelihlunga izincwadi zezicelo somsebenzi labakhetha.

URenard unegama elihle ebholeni lase-Afrika njengoba awina i-Africa Cup of Nations (Afcon) neZambia ngo-2012, futhi enze kahle naseMorocco.

UBroos yena usenamava futhi useke waqeqesha kuwo wonke amaqembu amakhulu ngakubo eBelgium okubalwa kuwo i-Anderlecht neClub Brugge. Useke waqeqesha neqembu lesizwe laseCameroon ayiwinisa i-Afcon ngo-2017.

Nokho yena kukhona namablebezi amkhomba kwiRaja Casablanca yaseMorocco okungezeka aqoke yona ngenxa yokutitilizwa kwemali kuleliya lizwe elisenhla ne-Afrika.

UQueiroz akamusha kuleli njengoba ake ayiqeqesha iBafana waze waayifaka eNdebeni yoMhlaba ngo-2002, futhi nguye obonakala ehamba phambili.

Nokho ukuqagela sekuyoze kuphele ngeviki elizayo uma esefikile kuleli umqeqeshi bese ethulwa ngokusemthethweni.

“Ukumenyezelwa komqeqeshi weBafana Bafana obekuhlelelwe ukuba ngoMgqibelo mhlaka 24 Ephreli 2021 sekuhlehlisiwe ngenxa yezingqinamba zokuhamba phakathi kwamazwe ehlukene ezidalwe yeCovid-19.

“Sizohlela kabusha ukuthi simethula nini umqeqeshi ngeviki elizayo. Siyaxolisa uma lokhu kukhona la kuthikameze khona,” kusho iSafa ngesitatimende esifishane esikhiphele abezindaba ngoLwesihlanu ebusuku.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.