Usezoqeqesha kwiCeltic ubhuti kaModise

U-Ompie Modise

OKADONGA GUMBI

Useqashwe njengomqeqeshi weqembu labesifazane kwiBloemfontein Celtic umfowabo wesihlabani esaduma kakhulu kwiKaizer Chiefs, uDavid Modise.

U-Ompie Modise, omncane kunoDavid ngeminyaka, umenyezelwe ngokusemthethweni ngoLwesine njengosezocija iCeltic Ladies.

ICeltic neMamelodi Sundowns yiwona kuphela amaqembu adlala ezigabeni sePremier Soccer League (PSL) abanamaqembu abesifazane.

“U-Ompie ungumfowabo omncane kaDavid Modise oyinkakha eyayidlala kwiBloemfontein Celtic,” kusho isitatimende esibhalwe yileli qembu kwiTwitter.

“U-Ompie ubesebenza njengomshayeli lapha eqenjini kusukela ngo-2003 kuze kube manje.

“Ubebuye ashebe ngokuba ngumsizi womqeqeshi eqenjini labesifazane,” kuchaza iCeltic.

Obeyisikhulu esiphezulu kuleli qembu, uKhumbulani Konco, usincomile isenzo sikasihlalo walo, uMax Tshabalala sokungalivali iqembu labesifazane yize bedonsa kanzima kwezemali.

Uthe wayenokwesabela ukuthi lizovalwa elabesifazane njengoba kuke kwaba nesikhathi lapho bebebambe ngamazinyo, sebehlukeka nokukhokhela abadlali imiholo.

“Njengamanje iCeltic isendaweni yesibili ngobukhulu emaqenjini abesifazane.

“YiSundowns kuphela engcono kunayo. Into esizayo wukuthi besithatha abadlali basendaweni (eBloemfontein) bese sibheka futhi naseLesotho naseBotswana.

“ISundowns yona iyakwazi ukubheka abadlali kulo lonke izwe futhi isanda kusayinisa abanye abadlali abebekwiCeltic phambilini,” kusho uKonco kuleli viki.

UKonco udiliziwe emsebenzini wakhe kulo leli viki njengoba leli qembu belihlela kabusha ukuphathwa kwalo.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.