UShabba noYeye babuyela kwiChiefs

USiphiwe Tshabalala noReneilwe Letsholonyane
Sihle Ndlovu

Izingwazi ezimbili ezake zadlalela iKaizer Chiefs, uSiphiwe “Shabba” Tshabalala noReneilwe “Yeye” Letsholonyane, bazobuyela kuleli qembu njengoba kuzoqalwa isizini entsha.

Nokho laba badlali asebewagaxe emgibeni amakhokho abo, bazoya kuMakhosi ukuyosebenza ngendlela ehlukile kuMakhosi, hhayi ukugijima ensimini. UTshabalala uzoba yimenenja yeqembu leChiefs elidlala kwiDStv Diski Challenge, kanti uLetsholonyane uzoba ngumqeqeshi we-Under 19 yayo iChiefs.

Laba badlali bazakhele igama begijima kuwona Amakhosi eminyakeni edlule. Baphinde bazibonakalisa futhi bedlalela iqembu lesizwe iBafana Bafana.

Kuvela ukuthi iChiefs iyona ekhulume nalezi zingwazi njengoba izama ukubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena, kusukela ezinkulisa. ULetsholonyane ugcine ukudlala ibhola kwiTS Galaxy kanti uvele umatasa nezifundo zokuqeqesha.

UShabba ugcine ukungena ensimini egijimela AmaZulu FC ahambe kuwona kungalindele muntu. Kwavela ukuthi kwaba khona ukungaboni ngaso linye noBenni McCarthy owayecija Usuthu ngaleso sikhathi.

Lo mdlali washaya igoli lokuqala ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ka-2010 lapho iNingizimu Afrika yayibhekene khona neMexico, eFNB Stadium.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.