UShaka Zulu uweze Usuthu ngelibanzi emdlalweni weligi

USiphelele Mthembu waMaZulu FC

SIHLE NDLOVU

USiphelele “Shaka Zulu” Mthembu ushaye igoli eliwinise AmaZulu emdlalweni weDStv Premiership ebhekene neSuperSport United eJonsson Kings Park, eThekwini, ngoLwesibili ntambama.

Usuthu luze kulo mdlalo weligi lusazesula izinyembezi kulandela ukuwashiswa ijezi kwiNedbank Cup Last 16 yiBlack Leopards ngempelasonto. Nokho okucace ngoLwesibili ukuthi AmaZulu abengafuni ukuhlulelwa ekhaya, elinyathela kamnandi, engayesabi nakancane iSuperSport, ehlale imisa kabi amaqembu amaningi.

Kube ukudlala kahle kuka-Augustine Mulenga okuholele ekutheni Usuthu lugcine luthole igoli. Lo mdlali ubenza ukuthi Amatsatsantsa a Pitori angakhululeki nakancane emuva ngenxa yokudlala ibhola kwakhe kamnandi ebona ozakwabo ezikhaleni.

Ngomzuzu ka-24 uMulenga udlale ingcwenga yebhola, waligoba esebhokisini leSuperSport, lathola uMthembu walibeka phakathi kalula. Ngemuva kwalokho izame konke iSuperSport kodwa kwasho ukuthi Usuthu belungasafuni ukwenza iphutha.

Nangesiwombe sesibili bebebhilitile oMthembu noMulenga kucaca ukuthi bafuna ukuyidla luhlaza iSuperSport. Nokho ugcine alile uRonwen Willams emapalini eSuperSport umdlalo waphela ngo 1-0. Ukuwina koSuthu kulunyusele endaweni yesithupha kwi-log yePremiership. Selokhu kufike uBenni McCarthy kuMaZulu enza kahle kakhulu futhi kuyacaca ukuthi ibhola lawo libheke kuphi.

Usuthu lusethubeni elihle kakhulu lokuqeda kwiTop 8 njengoba vele sekungenwe emzuliswaneni wesibili weligi. Okumele kwenziwe AmaZulu njengamanje ukuthi angawushintshi kakhulu umgqigqo wawo ukuze ayiqede kahle isizini. Uma kubhekwa indlela adlala ngayo AmaZulu ahlula amaqembu amaningi okungawahambeli kahle, okubalwa kuwona iKaizer Chiefs okumanje isendaweni yeshumi.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *