UShalulile uphoqoze irekhodi likaBhele bebukisa nge-Arrows

UPeter Shalulile
Sihle Ndlovu

UPeter Shalulile, weMamelodi Sundowns, ube ngumdlali wokuqala ngemuva kweminyaka eyishumi, ukushaya amagoli afinyelela ku-20 emidlalweni yeDStv Premiership.

Lo mdlali waBafana Bastyle ushaye amagoli amathathu ngesikhathi iqembu lakhe libhubhisa iLamontville Golden Arrows ngo 6-0 emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ngoLwesibili.

Lokhu kuchaza ukuthi usenamagoli angu-21 okwenza ephule irekhodi likaSiyabonga “Bhele” Nomvethe, lamagoli angu-20, aliqopha ngesizini ka-2011/2012 esadlalela iMoroka Swallows. UShalulile akezwile kule sizini futhi kubukeka esazoshaya amanye amagoli kule midlalo emihlanu esele.

Njengoba lo mdlali esephule irekhodi likaNomvethe, usenethuba lokwephula elikaCollins Mbesuma okungamagoli angu-25 ngesizini eyodwa. Konke lokhu kubukeka engakwenza uShalulile.

Lo mdlali waseNamibia ufike kulo mdlalo evele eshayela phezulu kulandela ukushaya amagoli amathathu ngesikhathi bedla iSwallows FC ngo 4-2.

Amagoli amathathu eSundowns angene elandelana ngesiwombe sokuqala, yaphenduka ompushana esikhaleni i-Arrows. Kuqale uGaston Sirino olibeke enethini ngomzuzu ka-19.

Okuhlalukile ukuthi Abafana Bes’thende abayekanga ukuhlasela nobekubenza bavuleke emuva. Ube eseqhamuka uShalulile ngomzuzu ka-24 walihlaba phakathi.

Kubukeke sengathi ivele yathithiza kakhulu kunakuqala i-Arrows njengoba iSundowns ibihlasela iphindelela. Ubuyile futhi uShalulile walibeka enethini ngomzuzu ka-27, kwaba ngu 3-0.

Ngesiwombe sesisibili i-Arrows ibuye ibukeka ibhocobele nokwenze ukuthi ikhwele phezu kwayo kakhulu iSundowns. UShalulile ushaye igoli lakhe lesithathu ngomzuzu ka-63, okwenze waqopha umlando ngokushaya amagoli amathathu imidlalo ilandelana.

Igoli lesihlanu lishaye uPavol Safranko ngomzuzu ka-74, kwathi elesithupha labekwa phakathi ngomzuzu ka-84 uKermit Erasmus, ongene esuka ebhentshini endaweni kaShalulile.

Ukuwina kweSundowns kuyenza isondele kakhulu ekuqukuleni isicoco ingakapheli nemidlalo yeligi. Leli qembu lishaye amagoli ayishumi emidlalweni emibili nokukhombisa kona ukuthi alibambeki. Linamaphuzu angu-57 manje.

Ngasohlangothini lwe-Arrows seyishaywe imidlalo emibili ilandelana njengoba ifike kulo mdlalo ivela esibhaxwini sika 2-0 seStellenbsoch FC ekhaya. Bekungokokuqala emlandweni ukuthi Abafana Bes’thende bashaywe ngamagoli ayisithupha emidlalweni yeligi. Bagcina beshaywe yiBloemfontein Celtic ngo 5-0 kumasizini edlule.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.