UShalulile usalobizela ukudla indondo yokushaya amagoli amaningi

UShalulile usalobizela ukudla indondo yokushaya amagoli amaningi
UPeter Shalulile
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

UPeter Shalulile akakezukuma ekubhakuziseni inethi njengoba ethi ufuna ukudlula esibalweni samagoli awashaye ngesizini edlule.

Lo mgadli weMamelodi Sundowns ushaye amagoli angu-15 ngesizini edlule. Lokhu kwenze waphuthwa yindondo yomgadli ohambe phambili ngamagoli.

Le ndondo idliwe nguBradley Grobler weSuperSport United oshaye angu-16. Uma ubheka indlela ayiqale ngayo isizini uShalulile, kulula ukumbona eyidla kulokhu.

Emidlalweni eyisithupha useshaye amagoli amahlanu kanti ubambene noVictor Letsoalo weRoyal AM ngokuzihola phambili.

Nokho yena uthi isizini yakhe ayiqalanga kahle okusho ukuthi ngabe ukude manje ukube uyiqale ngale ndlela afisa ngayo

Okuzomthoba inhliziyo nokho wukuthi useyidlile indondo yokuqala njengoba eqokwe njengomdlali okunguyena obevelele kwiDStv Premiership ngo-Agasti/Septhemba.

“Le sizini isenzima kuze kube manje, ayiqalanga kahle kodwa ngibonga ozakwethu nabaqeqeshi ngokungisiza bangifake umdlandla sasesiqhubeka nokuzikhandla,” kusho uShalulile.

Abaqeqeshi beSundowns uManqoba Mgqithi noRulani Mokwena bona baqokwe njengabavelele emkhakheni wabaqeqeshi.

“Engizibekele khona wukuthi ngishaye amagoli amaningi kunengiwashaye ngesizini edlule.

“Ngisazikhandla ngokuphindiwe ejimini futhi ngiyabalalela abaqeqeshi nokuyinto engizoqhubeka ngiyenze njengangesizini edlule.

“Kungenzeka ngoba sisebenza ngokubambisa aeqenjini futhi wonke umuntu ufana nowasemndenini.

“Asibheki kude kakhulu, sibhekana nomdlalo ngawodwa futhi sifuna ukwenza kahle kuyo yonke imidlalo eisyidlalayo.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.