UShalulile utholele iDowns amaphuzu aphelele eKapa

UPeter Shalulile ushaye igoli iMamelodi Sundowns ibhekene neStellenbosch koweligi

SIHLE NDLOVU

IMamelodi Sundowns iqhubekile nerekhodi layo lokungashaywa emidlalweni yeDStv Premiership, nokusondela esicocweni seligi, ngemuva kokushaya iStellenbosch FC ngo 2-1 eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, ngoMgqibelo.

AmaBrazilians ake alandela emuva ngo 1-0 kulo mdlalo kodwa abuya akhombisa ukuthi kungani engompetha beligi, ayifaka induku iStellies ebiwuqale kahle umdlalo. Ngemuva kwemidlalo engu-17 iSundowns ayiyazi induku.

IStellies iyona ebilinyathela kangcono ngesiwombe sokuqala futhi izakhele amathuba amaningi okushaya amagoli. Ibisebenzisa ijubane lika-Ashley du Preez noDeano van Rooyen, ebelibanika inkinga kakhulu abadlali basemuva beSundowns.

Ngomzuzu ka-32 ibhola ebelikhahlelwe uVan Rooyen livinjwe uLyle Lakay kanti bekubukeka lizomnika inkinga uDenis Onyango. Ibhola ligcine liphumele ngaphandle kwaba yikhona amaBrazilians ahlulekile ukuyikhipha ekhaya, yagcina izithele ku-Augustine Dimgba olibeke phakathi ngomzuzu ka-33.

Ukushaya igoli kweStellie kwenze ukuthi iSundowns ivuke emaqandeni izame ukukhahlela ingaphandle kwebhokisi. Ngomzuzu ka-38 uGaston Sirino ukhahlele engaphandle kwebhokisi kodwa ibhola lakhe lahlala lathula du ezandleni zikaSage Stephens ezintini zeStellies.

Kuthe kuqala isiwombe sokuqala kwaphakama imimoya ebhentshini leSundowns nokuholele ekutheni uSteve Komphela athole ikhadi eliphuzi. Ngomzuzu ka-48 uDu Preez uyeke elihle ithuba lokushaya igoli lesibili leStellies ebhekene no-Onyango, ibhola laphuma eceleni kwepali.

Ngomzuzu ka-50 uSirino uhlawulise iStellies kanzima eshaya igoli lokulinganisa ngemuva kokuthola iphasi enhle ebivela kuPeter Shalulile. UKermit Erasmus ongene endaweni kaSirino ngomzuzu ka-58 kuphoqeke ukuthi aphume ngemuva kwemizuzu eyisithupha, kulandela ukubhinyika kwakhe iqakala. Indawo yakhe ithathwe uHaashim Domingo.

Kuthe sekubukeka sengathi umdlalo uzophela ngo 1-1 waqhamuka lowo muntu ogxumagxumayo okwenyamazane uma eshaye igoli, uShalulile, walibeka phakathi ngekhanda basala benkemile abeStellenbosch, ngumzuzu wokugcina kwebeyengezwe unompempe. Uthole ibhola elihle ebeligotshwe ngu-Aubrey Modiba ongene endaweni kaLyle Lakay. Ukuwina kweSundowns kuyenza ivule igebe esicongweni futhi kubukeka kuzoba nzima ukuyifica njengoba isalele emuva ngemuva ngemidlalo yeligi.

 

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.