UShamsi ube yiqhawe lamaProteas eshwebisa i-Ireland koweT20

UShamsi ushwibe kahle esiza amaProteas eshaya i-Ireland koweT20
UTarbraiz Shamsi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UTarbraiz Shamsi weNingizimu Afrika uphinde wakhombisa ukuthi kungani engumshwibi ohamba phambili emhlabeni emidlalweni yeT20, ngesikhathi ethatha amawikhethi amane awinise iqembu libhekene ne-Ireland ngoMsombuluko, eDublin.

AmaProteas awine ngama-run angu-33 kwiT20 yokuqala kanti bekubhoke uShamsi kwi-innings yesibili sekubhetha iqembu lasekhaya. Ukuthatha la mawikhethi okwenziwe uShamsi kwenze kwaba nguyena umdlali ohamba phambili ngamawikhethi emidlalweni yeT20 ku-2021. Usenamawikhethi angu-22 kanti nasemhlabeni uhleli ngokukhululeka kunombolo 1.

Abanye abadlali abashwibe kahle kumaProteas, uGeorge Linde othathe amawikhethi amabili noLungi Ngidi naye othole amawikhethi amabili. UKagiso Rabada uthathe iwikhethi eyodwa.

 Ngasohlangothini lwe-Ireland akuhambanga kahle neze ngesikhathi ibhetha njengoba umdlali owenze kangcono kube uTector ophume esenama-run angu-36. Igcine ikwaze ukuhlanganisa ama-run angu-132 kuphela sekuphume abadlali abayisishiyagalolunye kuma-over angu-20.

I-Ireland iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala. Kubukeke sengathi ithathe isinqumo esikahle njengoba esheshe aqathaka amawikhethi ezivakashi. Kuqale kwaphuma uQuinton de Kock esenze ama-run angu-20, kwase kulandela ukaputeni uTemba Bavuma esenze 13 kuphela.

Nayo iNingizimu Afrika ayenzanga kahle neze ngesikhathi ibhetha njengoba umdlali obhethe kangcono kube ngu-Aiden Markram ophume esenze ama-run angu-39.

FUNDA NALA: USimo Dladla uthi uKhanyisa Mayo angaba yingozi kwiCity uma bemgadlisa

UDavid Miller ushaye ama-run angu-28 kwathi uRassie van dern Dussen waphuma esenze angu-25. INingizimu Afrika igcine yenze 165/7, kanti ukushwiba kahle okwenze ukuthi iwine umdlalo kalula.

Ukuwina kwamaProteas kuchaza ukuthi asehamba phambili ngo 1-0 kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu yeT20. Umdlalo olandelayo ungoLwesine ngo-5 ntambama eBelfast. Owokugcina ungoMgqibelo enkundleni efanayo ngesikhathi esifanayo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.