UShamsi uphule irekhodi ewinisa amaProteas koweT20

UTabraiz Shamsi noLungi Ngidi bamaProteas
Sihle Ndlovu

Ukudlala kahle kukaTabraiz Shamsi akugcinanga nje ngokuwinisa iNingizimu Afrika ngama-run angu-20 kwiT20 yesithathu ibhekene ne-England ngeSonto.

Kuphinde kwaqinisekisa ukuthi amaProteas awina ngo 2-1 ochungechungeni lwemidlalo emithathu yeT20. Ngaphezu kwalokho uShamsi wephule irekhodi likaDale Steyn lokuthatha amawikhethi amaningi kwiT20 ebelingu-64. UShamsi uthathe amawikhethi amahlanu ngesonto okumenze waba nangu-66 emidlalweni yeT20.

Bekubalulekile kakhulu ukuthi amaProteas awine lolu chungechunge lweT20 ngemuva kokubambana ne-England ngo 1-1 emidlalweni yosuku olulodwa, njengoba umdlalo wesithathu ungaphelanga ngenxa yemvula. Le midlalo ibaluleke kakhulu manje ngoba iyona ecaba indlela ebheke kwiNdebe yoMhlaba.

Emdlalweni weT20 wokuqala kuwine i-England ngama-run angu-41 ngoJulayi 27. Abuyile amaProteas alinganisa ngoLwesihlanu ewina umdlalo owesibili ngama-run angu-58. Kowesithathu abesevutha kakhulu njengoba enze ama-run angu-191 kuma over angu-20, abe esekhipha i-England isenze angu-101.

KwiNingizimu Afrika kubhethe kahle u-Aiden Markram (51) noRilee Rossouw (31) abebengalincengi ibhola. Ukaputeni uDavid Miller naye udlale kahle eshaya ama-run angu-22 emabholeni ayisishiyagalolunye.

AmaProteas ne-England sebezodlulela emidlalweni yeTest ezoqala ngo-Agasti 17  eLord’s, eLondon. Owesibili use-Emirates Old Trafford eManchester ngo-Agasti 25. Owokugcina useKia Oval, eLondon ngoSepthemba 8.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *