UShandu uphenduke isethenjwa engathenjiwe kwiPirates

UShandu uphenduke isethenjwa engathenjiwe kwiPirates
UBandile Shandu
OkaDonga Gumbi

Uma kukhona umdlali obavale umlomo abalandeli ngemuva kokukungabaza ukusayinwa kwakhe nguBandile Shandu. 

Ngesikhathi iPirates iveza abadlali bayo abasha ekuqaleni kwale sizini, abalandeli bathimula ngamagama abathile. 

Kulabo ababengabezwa kahle kwakukhona noShandu owayesayine esuka kwiMaritzburg United ayesephelelwe yinkontileka kuyo. 

Yize ayengumdlali olithola njalo ijezi kwiTeam of Choice, uShandu wayengazange avelele kangako. Yingakho kwathi noma ephelelwa yinkontileka akangabangwa. 

Kodwa kwiPirates usephenduke omunye wabadlali abamqoka ngenxa yokuzimisela kwakhe nokuqinisekisa ukuthi iqembu alidliwa kalula ekhona enkundleni.

Yize edlala emuva kwesokudla, uShandu useshaye amagoli amabili wmidlalweni yeDStv Premiership, washaya amane kwiCaf Confederation Cup. 

FUNDA NALA: UManyama uthi akubathusi ukungabi khona kukaNurkiviç kwidabhi

Njengoba kudlalwa idabhi yaseSoweto nje ngoMgqibelo uShandu ngomunye wabadlali abangase babe ngabenza umehluko kulo mdlalo obhekwe ngabomvu izwe lonke. 

Nokho yena uthi akulele kuye ukuwinisa iqembu kodwa asuke ekwenza ubeka lona phambili ngoba yena noma engenza kahle uma iqembu lingawinanga akusho lutho.

“Mina ngihlale ngibeke iqembu phambili. Ukushaya amagoli yibhonasi nje kimi,” kusho uShandu kuleli viki. 

“Ngizoqhubeka ngisebenze janzima ngisize lapho ngidingeka khona ukuqinisekisa ukuthi sithola umphumela omuhle uma sesibhekene neChiefs. 

“Kodwa okuzongijabulisa kakhulu wukuthi siphume namaphuzu amathathu kulo mdlalo kungasakhathalekile ukuthi ngilishayile yini igoli noma cha.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.