UShandu usesayine kwiPirates, uzokwethulwa ngesonto elizayo

UShandu usesayine kwiPirates, uzokwethulwa ngesonto elizayo
UBandile Shandu
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

UBandile Shandu uzogijima kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo njengoba esesayine kuleli qembu laseSoweto. UShandu ubekwiMaritzburg United kanti Ilanga libika ukuthi useshiyile kuleli qembu.

UShandu kulindeleke amenyezelwe njengomdalli wePirates uma seyithula izinhlelo zayo zesizini entsha ngasekupheleni kwesonto elizayo. Kuthiwa iPirates imthole mahhala lo mdlali njengoba inkontileka yakhe neMaritzburg iyaphela ngoJuni 30.

UShandu ungomunye wabadlali beMaritzburg abaphuma kwinkulisa yayo isaphethe nguSiyabonga Mdluli. Ubukeka enekusasa elihle kakhulu njengoba ekwazi ukudlala ezindaweni ezehlukene.

UShandu, oneminyaka engu-26, kuzodingeka asebenze ngamoela ukuze athole ijezi kwiPirates njengoba inabadlali abaningi kule ndawo ayodlala kuyo. Emuva ophondweni lwesikudla iPirates ibibophele oThabiso Monyane noWayde Jooste ngesizini edlule.

Bazokwanda njengoba noMthokozisi Dube obebolekiswe kwiGolden Arrows ngesizini edlule uyabuya kulokhu. UDube udlale kahle kakhulu kwi-Arrows ekhombisa ukuba yingozi uma iqembu lihlasela njengoba naye ebelekelela.

Nomsebenzi wakhe wokuvala emuva nawo ubewenza kahle kakhulu. Omunye obuyayo kwiPirates nguJustice Chabalala yeba obebolekiswe kwiBloemfontein Celtic.

Naye ube nesizini enhle futhi kuthiwa ithimba labaqeqeshi kwiPirates selenze izincomo zokuthi abuyiswe. Omunye umdlali okhonjwa kwiPirates nguGoodman Mosele oyibamba esiswini kwiBaroka FC.

Nokho neSundowns kuke kwavela ukuthi iyamhalela lo mdlali osemncane koda okhombise ukukhalipha okumangalisayo.

FUNDA NALA: UKomphela uzanyelwa esinye isikhundla kwiSundowns

Isikhulu seMaritzburg, uFarouk Kadodia sikuqinisekisile ukuthi uShandu usebashiyile wathi kodwa ngeke alisho iqembu aya kulo ukuze kube yilo elimethulayo.

Kufanele ukuthi ngeke kumthathe isikhathi eside kakhulu ukujwayela kwiPirates uShandu njengoba bebaningi abadlali ayenabo kwiMaritzburg phambilini kuleli qembu. Phakathi kwabo kukhona umngani wakhe uSiphesihle Ndlovu, Fortune Makaringe noRichard Ofori.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.