Ushaye iMaritzburg wabona besangathola indawo yesibili owoSuthu

Ushaye iMaritzburg wabona besangathola indawo yesibili owoSuthu
UBrandon Truter
Alfred Ngubane

Umqeqeshi waMaZulu FC, uBrendon Truter ubona lizofezeka iphupho likamengameli waleli qembu uSandile Zungu lokuqeda okungenani endaweni yesine kwiDStv Premiership.

Lo mqeqeshi uveze lokhu ngemuva kokushaya kwabo iMaritzburg United ngo 1-0 emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Igoli loSuthu kube wumkhonto ogwaza ekhaya kaNicholas Lukhubeni kanti lingene usanda kuqala umdlalo.

AmaZulu akwazile ukubambelela kuleli goli kwaze kwaba sekugcineni, aphuma emoyizela esehlohle amaphuzu amathathu emxhakeni wawo.

Nokho kuzomele kulukhathaze Usuthu ukuthi luyeke inqwaba yamathuba kulo mdlaloobekungenza enyuse isibalo samagoli.

IMaritzburg ibuye ngamandla ngesiwombe sesibili njengoba ibisihlasela iphindelela kodwa yahluleka ukuthola igoli lokulinganisa.

“Bekungewona umdlalo olula, futhi bewungemuhle. IMaritzburg yenze kwanzima kithi ukudlala ngendlela ebesifisa ngayo.

“Sibe namathuba amahle njengaleli likaLehlohono Majoro noLuvuyo Memela abaphume babhekana ngqo nonozinti.

“Sikwazile ukubavimba bengadlali ngendlela abebefisa ngayo. Angikhumbuli bekhahlelela ipali esiwombeni sesibili,” kusho uTruter.

“Bengingeke ngiwuthathe lo msebenzi ukube bengingathembi ukuthi singakwenza lokho,”  kusho uTruter ngokuqeda endaweni yesine.

“Ngalwenza ucwaningo lwami ngaphambi kokuthatha lo msebenzi, ngabona izinga labadlali elilana.

“Empeleni nje sisangaphinde siqede nasendaweni yesibili sibuyele kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.

“Sisalelwe amaphuzu angu-15 okumele siwalwele. Ngiyathemba sizokwenza lokho. Ngiyabathemba laba bafana.

“Basezingeni eliphezulu kakhulu kuleli qembu,” kuchaza lo mqeqeshi oseqoqe amaphuzu ayisithupha kusukela efikile oSithwini.

FUNDA NALA: USirino uthi bakhathele ukuba ngomvakwezinye kwiChampions League

U-Ernst Middendorp ukhale ngokungawasebenzisi amathuba nokuthi igoli likaLukhubeni libacindezelile.

“Senze amaphutha amaningi esiwombeni sokuqala. Besibavumela basicindezele bese kuba nzima ukuthi thina sibahlasele.

“Ngicabanga ukuthi besiwuphethe umdlalo ikakhulukazi esiwombeni sesibili. Isimo asisihle neze kithi.

“Asiwaqoqi amaphuzu mgendlela okufanele ngabe siwaqoqa ngayo. Besifuna ukukujika lokho namuhla.

“Sineviki lokuthi silungiselele umdlalo olandelayo esizobhekana kuwo neTS Galaxy,” kusho uMiddendorp.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.