Ushaye intombi wazama ukubaleka, wabanjwa eshayela edakiwe oweBucs

Ushaye intombi wazama ukubaleka, wabanjwa eshayela edakiwe oweBucs
UNkanyiso Zungu
Intatheli yeMpempe

Sekuvele ukuthi ubhekene namacala amabili umdlali we-Orlando Pirates uNkanyiso Zungu oboshwe ngeSonto ebusuku eGoli.

Impempe seyithole ngomthombo wayo osondelene nalo mdlali, ukuthi uxabane nentombi yakhe wabe esevulela amavelemane.

“Ey kuningi nje kulento kaNkanyiso…sengathi yicala lokushaya intombi kodwa kukhona nelokushayela edakiwe khona lapho.

“Ngathi kuthe uma esebona ukuthi kuzoshuba ngoba sekubizwe amaphoyisa, wathatha imoto waphuma wahamba.

“Angazi ke kahle ukuthi amaphoyisa amthole kanjani kwathi uma efuthiswa kwatholakala ukuthi ushayela nje udle amponjwana,”  kusho lo mthombo.

Amaphoyisa agcine ekuqinisekisile nawo ukuthi kunomdlali oboshelwe icala lokushaya kodwa awangalibala elokushayela ephuzile.

“Kunomdlali webhola esigabeni esikhokhelayo oneminyaka engu-26 oboshwe ngamaphoyisa eGoli ngeSonto lomhla ka-13 kuMashi 2022 ngezinsolo zokushaya intombi yakhe.

FUNDA NALA: UWilliams uthi abayisabi nhlobo iPirates abazobhekana nayo koweligi

“Kulindeleke avele enkantolo ngoMsombuluko womhla ka-14 kuMashi 2022 ukubhekana necala lokushaya,” kusho amaphoyisa esitatimendeni.

Kuthiwa uvelile enkantolo wakhululwa ngebheyili njengoba icala lihlehliselwe olunye usuku esingakwazanga ukuthola ukuthi lunini.

IPirates nayo ikhiphe isitatimende ngalo iSonto ebusuku ithi lo mdlali usamisiwe eqenjini njengoba esabhekene nengalo yomthetho nje.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.