Ushayele izitha igoli wabuye wawinisa ezakhe oweSuperSport

UKegan Johannes

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ushaye igoli ekhaya wabuye wayoshaya elokuwina, uKegan Johannes, ngesikhathi iSuperSport United ishaya iCape Town City ngo 3-2 eLucas Moripe Stadium.

Kulo mdlalo weDStv Premiership iSuperSport ike yahamba phambili ngo 2-0 kodwa yavumela izivakashi ukuthi zibuyele emdlalweni yize bese zingaphelele.

ISuperSport isheshe yakhombisa ukuthi ayizele ukuzosinisa amahleza kulo mdlalo iphaselana kahle ibhola emizuzwini yokuqala. Kuthe ngomzuzu wesishiyagalolunye uGamphani Lungu washaya igoli lahamba phambili iqembu lasekhaya.

Yize AmaTsatsantsa a Pitori kuyiwona ashaye igoli kuqala kulo mdlalo kodwa iCitizens ayizange ilehlise izinga. Ibilokhu ifika emapalini eSuperSport nokufakazelwe ukuthi ziye ekhefini isinamakhona ayisikhombisa.

Konke lokhu akusizanga ngalutho ngoba ngomzuzu ka-27 uLebogang Mokoena ushaye enhle ifree kick yakhalakathela phakathi. Ibilokhu ihlasela iCity kodwa lagcina lingangenanga igoli zaze zaya ekhefini.

Isiwombe sesibili siqale kuyiCitizens ebihlasela. Akumangazanga ngesikhathi ithola iphenathi ngemuva kokudlaliswa kabi kukaKhanyisa Mayo ebhokisini ngu-Onismor Bhasera. Akacucuzanga uFagrie Lakay wayibeka phakathi ngomzuzu ka-48.

Ngesikhathi seyicabanga ukuthi iyabuyela emdlalweni iCitizens kuvele konakala ngomzuzu ka-55 ngesikhathi uThabo Nodada ethola ikhadi eliphuzi lesibili emdlalweni. Lokhu kuphoqe ukuthi aphume ngekhadi elibomvu kulo mdlalo.

Bese kukubi kwezika-Eric Tinkler ngoba noMpho Makola benoLakay bese bethole amakhadi aphuzi. Nokho leli qembu laseKapa lizabalaze ngayo yonke indlela nokuthe ngomzuzu ka-73 umkhonto wagwaza ekhaya kwiSuperSport ngekhanda likaJohannes.

Nokho uJohannes ulilungisile iphutha lakhe ngesikhathi eshaya igoli lokuwina ngomzuzu ka-81 kade kuyikhona. Ukuwina kweSuperSport kuyinyusele endaweni yesihlanu kwilogi, kanti iCity isendaweni yesishiyagalolunye.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *