Ushayiwe kodwa akakhali kakhulu uMosimane

UPitso Mosimane we-Al Ahly ukwamukele kahle ukushaywa kwabo kwiClub World Cup

MTHOKOZISI MNCUSENI

UPitso “Jingles” Mosimane ushaywe wakwamukela ukuthi isici kwirekhodi lakhe lokungehlulwa kusukela afika kwi-Al Ahly yase-Egypt sibekwe yiqembu elingcono kunawo wonke emhlabeni, iBayern Munich yaseGermany.

Amagoli amabili kaRobert Lewandowski abe wumehluko iBayern izibekisela indawo kowamanqamu kwiFifa Club World Cup ngokushaya i-Al Ahly ngoMsombuluko ebusuku e-Ahmed bin Ali, eQatar.

Kusukela ethathe izintambo kulezi zinkunzi zase-Afrika, uMosimane ubengakaze ahlulwe njengoba esebheke ukuthoba inhliziyo ngokulwela ukudla indawo yesithathu ngoLwesine ngo 5 ntambama kwiPalmeiras yaseBrazil e-Education City Stadium.

Ngokunqoba kwayo iBayern izobhekana ne-UANL Tigres yaseMexico enkundleni efanayo kodwa ngo-8 ebusuku.

“Besingenalo ithuba lokuphefumula. Lokhu kwenzeke isikhathi eside. Uma kwenzeka lokho nakanjani umphumela uvamise ukufana nalo esiwutholile.

“Besibhekene neqembu elinamandla ngendlela emangalisayo. Akwethusi ukuthi iBayern iyiqembu elingcono kunawo wonke emhlabeni.

“Besithwele kanzima kakhulu kulo mdlalo kodwa ngokwami ukubona sidlale kahle ngaphansi kwezimo ebesibhekene nazo.

“Ngikholwa ukuthi kukhona okungcono ebesingakwenza ikakhulukazi endleleni ebesiphendula ngayo imibuzo ebesibuzwa yona yiBayern.

“Isivinini sethu besiphansi namuhla. Angikhali kangako kodwa besingenza kangcono. Ngiyawamukela lo mphumela yize engekho umqeqeshi ojabulayo uma ehluliwe. Nami kunjalo ngiphatheke kabi kodwa ngiyamukela,”kusho uMosimane.

I-Al Ahly ayizange ilithole ithuba lokudlala lapha kwazise iBayern iyithwalise kanzima zisuka ngakho kodwa okwenze yazithola isilandela ngemuva kwemizuzu engu-17 igoli lishaywa uLewandowski.

Nakuba izamile i-Al Ahly ukusondela nebhola esiwombeni sesibili, iBayern ibilithatha kalula bese kuba umzukuzuku ukuthi ompetha base-Afrika balithole.

Ngokuhamba komdlalo kugcine kucaca ukuthi amazinga awafani njengoba uLewandowski eqinisekise ukuthi uMosimane uthola induku okokuqala ngelesibili alivalele enethini ngomzuzu ka-85.

“Sizolwa kuze kuphele umjuluko emdlalweni wethu ozayo ngoba indondo yethusi sifuna ukubuyela nayo ekhaya,” kusonga uMosimane.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *