Ushaywe wancoma imbangi uNemasisi weJDR Stars

UNditsheni Nemasisi

OKADONGA GUMBI
Udle imihlathi wayivuma induku umqeqeshi ophinde abe ngusihlalo weJDR Stars, uNditsheni Nemasisi ngemuva kokuhlulwa ngo 3-1 yiTS Sporting kwiGladAfrica Championship ngoMgqibelo ntambama.
IHammer Boys ibonakale izozidlulela kalula njengoba ilishaye ngokushesha igoli kulo mdlalo.
UMuziwokuthula Zimu nguye ovule inkundla eGiants Stadium eSoshanguve ngomzuzu ka-11. Kodwa babuye babhacaza ngemuva kwalokho, bagcina bethole induku.
“Siphisane ngawo lo mdlalo, ikakhulukazi esiwombeni sesibili. Besiyibambe kahle kwesokuqala,” kusho uNemasisi ngemuva komdlalo.
Abantu Bemthetho bashaye elokulinganisa ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala, base beshaya amanye amabili kwesesibili ukuze babuyele eMpumalanga ngamaphuzu amathathu.
“Esiwombeni sesibili sibavumele ukuthi babuye bashaye amagoli.
“Ngebhadi abafana bami abazange baze besabuya emdlalweni esiwombeni sesibili, iTS Sporting ibisizenzela nje.
“Kubafanele ukuwina namuhla ngoba vele bebelokhu benza kahle uma ubheka imidlalo yabo emithathu edlule.
“Ngicabanga ukuthi kube nokubathatha kancane ngemuva kokuthi silishaye kuqala igoli. Kuzomele sikulungise lokho kucabanga.
“Siyeke amathuba amahle kanti khona obekumele sivele siliphasele enethini kodwa satatazela, walibhamuza phezu kwepali. Belizoyiqeda amandla imbangi ngoba bekuzoba ngu 2-0.
“Uma sizotatazela phambi kwamapali ngeke sikwazi ukuncintisana namanye amaqembu,” kusho uNemasisi.
Khonamanjalo, iSekhukhune United ithole isibhaxu kwiSteenberg United osekuvulele iRicharss Bay ithuba lokuvula igebe uma ingawina ngeSonto ntambama.
Imiphumela yangoMgqibelo: Jomo Cosmos 1 Polokwane City 1; Uthongathi 0 Pretoria Callies 0; Bizana Pondo Chiefs 0 Royal AM 2;
JDR Stars 1 TS Sporting 3; Steenberg United 1 Sekhukhune United 0.
Imidlalo ngeSonto: Cape Town All Stars v University of Pretoria; Free State Stars v Cape United; Richards Bay v Cape Town Spurs.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *