Ushaywe yiChiefs wasala ebalisa ngokudliswa yiVAR oweWydad

Ushaywe yiChiefs wasala ebalisa ngokudliswa yiVAR oweWydad
UFaouzi Benzarti weWydad Athletic
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uthwale izandla ekhanda, ebusweni ebonakala ukuthi ushaqekile ngesikhathi kukhala impempe yokuqeda umdlalo umqeqeshi wezihlabani zaseMorocco, iWydad Athletic, uFaouzi Benzarti.

Angithi phela phela iqembu ebelibonwa ‘lingamavukana’ laseNingizimu Afrika, iKaizer Chiefs beyisimshiye nodume lwengozi.

IChiefs ihlaze lo mqeqeshi iliqumba ohansi ngo 1-0 iqembu lakhe lisekhaya emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu kwiCAF Champions League ngoMgqibelo ebusuku.

EzikaBenzarti ziwazame wonke amaqhinga obuqini ezivamise ukusela ngawo amaqembu uma zisekhaya, kwasho ukuthi zihlangane nezimbila zithutha, ziholwa ngemhlophe phambili kulokhu.

Angithi bekukhona uhlelo lokubuyekezwa kwezinqumo zonompempe lweVideo Assisted Refereeing (VAR) obelubabamba labo galakajana uma bezama ubuqili. Buka nje ngoba negoli likaSamir Nurkovic bese liphikiwe, umsizi kanompempe obesele le emuva nala ibhola belikhona ethi ubesendaweni engamfanele.

Kodwa lo mdlali usheshe wakhombisa ngezandla ukuthi akuyiwe kwiVAR icacise ngalokhu. Nempela ivune yena, ibhola labekwa emlotheni. Ipaquze yadela ke ngemuva kwalokho iWydad ifuna igoli kodwa lutho ukulithola.

“Sihlulwe ngegoli elilodwa,” kusho uBenzarti ngemuva komdlalo. “Sisenomdlalo wesibili esizowudlala eNingizimu Africa. I-VAR ayisetshenziswanga ngendlela evuna iWydad kulokhu njengasemidlalweni yaphambilini.

“Sizozama ukuguqula lo mphumela eNingizimu Afrika. Ngeke ngisole abadlali, bawakhiphe wonke amangwevu. Bebezimisele ngayo yonke indlela. Siyawuvuma lo mphumela futhi sesibheke ukwenza kangcono emdlalweni wesibili,” kusho uBenzarti.

Umdlalo womlenze wesibili uzoba seFNB Stadium, eNasrec ngoMgqibelo ngo 3 ntambama. IChiefs idinga nje ukudlala ngokulingana ukuze izidlulele ngehubo iyobheka ukuthi ithola bani kowamanqamu.

Kubukeka kuzoba yi-Al Ahly kaPitso Mosimane nayo eshayele i-Esperance yaseTunisia ekhaya ngo 1-0 ngawo uMgqibelo ukuzobeka ebuhleni.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *