Ushiphe kudliwa uBaxter ekhuluma budlabha ngokudlwengula e-India

UStuart Baxter ozidalele amazinyo abushelelezi ngenkulumo yakhe e-India

OKADONGA GUMBI

Uzifake otakwini olungaphetha ngokuthi akhonjwe afika ngayo uStuart Baxter kwi-Odisha edlala kwi-Indian Super League.

UBaxter uzingenisele yena amanzi ngomsele ngesikhathi ekhuluma budedengu ngokudlwengula okuyisihlava esibi okuthiwa sidla lubi e-India.

Lo mqeqeshi owazakhela udumo kuleli ngempumelelo yakhe ayihlomula kwiKaizer Chiefs nakwiSuperSport United, ubekhuluma ngemuva komdlalo weqembu lakhe ngoMsumbuluko ebusuku, ekhala ngephenathi abancishwe yona.

“Kwesinye isikhathi ufisa ezinye izinqumo zinikwe wena kodwa akwenzekanga,” kusho uBaxter ekhuluma nabeStar Sports TV ngemuva komdlalo weligi la i-Odisha ishaywe khona ngo 1-0 yiJamshedpur.

“Angazi thina soyinikwa mhla kwenzenjani iphenathi. Ngicabanga ukuthi kumele oyedwa wabadlali bami kube khona amdlwengulayo noma kudlwengulwe yena uqobo ukuze sinikwe iphenathi,” uqhube kanje lo mqeqeshi wase-England.

Akusikhona okokuqala uBaxter ekhuluma ichilo e-India njengoba phambili eke wasolwa ngokucwasa kodwa iqembu lakhe lamvikela kulokho.

Kulokhu iqembu lizihlangulile lathi alihambisani neze nokushiwo uBaxter, futhi lizothatha izinyathelo zangaphakathi eqenjini mayelana nale nkulumo yakhe.

“Akwemukelekile neze (okushiwo uBaxter), noma ngabe uqonde ukuthini, futhi akuhambisani nezinseko zeqembu. Thina la kwi-Odisha FC, sixolisa kakhulu futhi abaphathi beqembu bazobhekana nalolu daba ngokushesha,” kusho i-Odisha kwiTwitter.

I-Odisha ibhekene nezembe njengoba kuyiyo esemsileni kwiSuper League, isaqoqe amaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni engu-14. Sekusele imidlalo eyisishiyagalombili iphele iligi.

UCole Alexandra owayegijima kwPlatinum Stars nakwiSuperSport kuleli, walandela uBaxter kuleli qembu lase-India.