Ushiye angalazi umqeqeshi wePirates eTanzania

UMandla Ncikazi
Sihle Ndlovu

Ubhodla umlilo umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi ngakubiza ngokuphathiswa okwezilwane eTanzania.

IBucs ishaywe yiSimba FC ngo 1-0 emdlalweni we-quarterfinal yeCAF Confederation Cup nokube yiphenathi ashaya amakhala kakhulu ngayo uNcikazi.

Lo mqeqeshi ukhulume ngokukhulu ukungesabi ngemuva komdlalo, ebalula ukuthi impatho ayizange ibe yinhle eTanzania futhi barojiwe.

“Angicabangi ukuthi kusifanele ukushaywa. Njengabantu base-Afrika kumele siyishisntshe le ngqondo esinayo,” kusho uNcikazi.

“Ukuthi uma izimbangi zifika eTanzania niziphatha kabi sengathi yizilwane uqobo. Yonke indawo lapho sihamba khona siphathwa ngendlela engalungile.

“Lona umdlalo webhola okufanele ngabe uyasihlanganisa kodwa lapha ufica into ehlukile. Okwesibili nje besazi ukuthi kuzosetshenziswa iVAR kodwa ibingabonwa. Hamba ubheke, iphenathi etholwe yiSimba akuyona.”

UNcikazi uthe ngeke bona bakwenze okwenziwe yiSimba kubona ngoba eNingizimu Afrika yinto engenziwa leyo.

“Umdlali wethu uNdlovu udlaliswe kabi, bekumele sithole iphenathi kodwa kwangenzeka lokho. Kungani abantu base-Afrika benza lokhu kwabanye abantu base-Afrika?

“Ucabanga ukuthi uma iSimba isifika eNingizimu Afrika kumele siyiphathe ngale ndlela? Yilokho enikulindele? Nonke njengoba nilapha nizobhala amanga wodwa.

“Bhalani iqiniso, iSimba bekungamele iwine. Iphenathi abayitholile bekungeyona, thina sancishwa eyethu iphenathi. Indlela esiphathwa ngayo emahhotela ayiyinhle.

“Nicabanga ukuthi iyona lena into ezokhulisa ibhola e-Afrika? Unompempe uyena obenze bawina. Kumele ngabe ninamahloni ngendlela enenza ngayo izinto.

“Kodwa thina uma isifika iSimba eNingizimu Afrika sizoyikhombisa ukuthi kusho ukuthini ukuba ngumAfrika.”

Umlenze wesibili phakathi kwala maqembu ungo-Ephreli 24 eNingizimu Afrika.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *