UShonga usongela iPirates ngesibhaxu koweligi

UShonga usongela iPirates ngesibhaxu koweligi
UJustin Shonga
OkaDonga Gumbi

Cishe ubengafisa ukuthi alishaye esebhekene nezakhe zakudala igoli alishaye kwiStellenbosch umgadli weSekhukhune United uJustin Shonga.

Lo mgadli waseZambia owadedelwa yi-Orlando Pirates kungazelele muntu, ushaye elihle igoli egqosha engaphandle kwebhokisi, lamudla unozinti weStellies emdlalweni ophele zibambene ngo 1-1.

Nokho uthi uzozama ukuphinde adlale kahle noma sebebhekene nePirates kodwa hhayi ngoba kukhona ayikweleta khona.

“Sidlala neqembu lami lakudala i-Orlando Pirates ngoLwesithathu,” kusho uShonga oseke wagijima nakuMaZulu FC.

“Ngokwami, kuyinto enhle ngoba kuyangigqugquzela ukuthi ngizobhekana neqembu lami lakudala.

“Akusikho ukuthi kunegqubu noma kukhona okumele ngibakhombise khona, ayikho into enjalo.

“Ngizodlala nje ngendlela engizoyalelwa ngayo ngumqeqeshi ngizame ukusiza iqembu lenze kahle kulo mdlalo.

“Vele ke kodwa ngeke ngikufihle ukuthi ngingakujabulela ukuthi siwine kulo mdlalo,” kuchaza yena.

Lamaqembu azogadulisana e-Ellis Park Stadium ngoLwesithathu ngo-5.30 ntambama. UShonga uthi bazimisele ukuwola amaphuzu kulo mdlalo.

FUNDA NALA: OweGalaxy ucacisa ngokusola kwabo onompempe ngokuhlulwa kwabo

“Wonke umuntu eqenjini ugcwele ukuzethemba ngoba sibuya emdlalweni wasekuhambeni eKapa.

“Bekungelula khona ukubuya nephuzu kwiStellenbosch, kodwa sekusifake umdlandla njengoba sinomdlalo omkhulu nePirates.

“Umoya uphezulu, wonke umdlali unomdlandla futhi ugqugquzelekile, sisebenza kanzima ukwenza isiqiniseko sokuthi siwulungele umdlalo wangoLwesithathu.

“Sifuna ukwenza kahle ukuze siqede lesizini singaphakathi emaqenjini amane noma ayisishiyagalombili aqeda phezulu kwilogi.

“Kule midlalo eyisikhombisa esele sizozikhandla ukuqinisekisa ukuthi siyabajabulisa abalandeli bethu,” kusho uShonga.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.