UShonga uthi kuncane lokhu abasakubone kuye kwiSekhukhune

UShonga uthi kuncane lokhu abasakubone kuye kwiSekhukhune
UJustin Shonga
Sihle Ndlovu

UJustin Shonga weSekhukhune United uthi uyajabula ngokuthi uqale kahle eqenjini njengoba eshaye igoli bebhaxabula iBaroka FC ngo 4-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto.

UShonga ubeqala ukudlalela iSekhukhune emlande eqenjini lase-Egypt, i-Ismaily, ahlale kulona izinyanga ezintathu kuphela.

Lo mgadli ofike eNingizimu Afrika ezodlalela i-Orlando Pirates, uyavuma ukuthi izinto bezingahlangani kuyena ezinyangeni ezedlule.

“Yinto emnandi nesiqalo esihle kimina ngoba ngokwebhola izinto bezingangihambeli kahle emaqenjini ebengikuwona,” kusho uShonga.

FUNDA NALA: UMalepe unxenxa aboSuthu ukuthi bengabe besawudelele umfutho wokuwina

“Ngifuna ukuqhubeka nalo mgqigqo ngoba uma udlalela iqembu elisha udinga ukuthi uqonde indlela abadlala ngayo.

“Kumele usebenze ngokuzikhandla ukuze ube seqenjini eliqala imidlalo. Ngizophusha kakhulu, ngijabule ngendlela engiqale ngayo kodwa kumele ngiqhubeke.”

Ukuwina kweSekhukhune kuyinyusele endaweni yesithupha kwilogi yePremiership. Leli qembu elingomakoti kwiligi enkulu, libukeka selilivikile izembe nokuchaza ukuthi lizobe likhona nangesizini ezayo.

ISekhukhune izobhekana neSwallows FC emdlalweni weligi e-Ellis Park Stadium, ngoMgqibelo. Ngasohlangothini lweBaroka Izinto azihambi kahle njengoba iyivale emsileni kwilogi.

IBaroka inomdlalo onzima ngoMgqibelo njengoba izobhekana neKaizer Chiefs ePeter Mokaba Stadium.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.