UShongwe uthipha uPetersen ekudleni ijezi likanozinti kwiChiefs

UShongwe uthipha uPetersen ekudleni ijezi likanozinti kwiChiefs
UBrandon Petersen
UDABA: Sthembiso Ngobese
ISITHOMBE: Twitter

Owayengunozinti wokuqina kwiKaizer Chiefs uWilliam “Cool Cat” Shongwe, ubona uBrandon Petersen ongunozinti omusha engeke abe nenkinga yokudla ijezi kuleli qembu.

KwiChiefs, uPetersen uzobanga ijezi nabanye onozinti beqophelo eliphezulu okukhona kubo u-Itumeleng Khune, uDaniel Akpeyi noBruce Bvuma.

UPetersen, odabuka eKapa, usanda kujoyina iChiefs ngemuva kwesikhathi eside agcina ukubonakala enkundleni ngenxa yokulimala umlenze ngesikhathi esagijima kwiBidvest Wits.

Ngempelasonto edlule uPetersen osayine inkontileka yeminyaka emithathu neZimpofana, ubonakale okokuqala edlubhe ijezi laleli qembu.

Ungene ngesiwombe sesibili emdlalweni weCarling Black Label Cup obuse-Orlando Stadium. Sekungumlando ke ukuthi iChiefs iyona egcine ibe ngompetha njengoba inqobe ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi.

Kukhulunywa eyokuthi leli qembu laseNaturena linqobile kulo mdlalo, kube yingenxa kaPetersen. Lo nozinti oneminyaka engu-26 ukhombise ubuqhawe evimba amaphenathi amabili eBucs.

Ephawula ngokufika kukaPetersen eNaturena, uShongwe owayevimba ngisho impukane ezintini zeChiefs ngezikhathi zakhe, uthe ukufika kwakhe kuzokwenza ukuba ushube kakhulu umbango wejezi.

“UPetersen ungunozinti oseqophelweni eliphezulu kakhulu,” kusho uShongwe. “Futhi okuhle ngaye wukuthi ungumsinsi wokuzimilela kuleli. Ngibona ezowushubisa kakhulu umbango wejezi ezintini futhi uma enikezwa ithuba uzogcina elidlile ijezi.

“Ngesikhathi ngiqala ukumbona esagijima kwi-Ajax kumasizini ambalwa edlule ngavele ngazibonela uMoeneeb Josephs omusha ngendlela ayevimba ngayo.

“Futhi nangesikhathi esekwiWits wafike wadlala kahle nakhona njengoba ahlalisa ebhentshini uDarren Keet,” usho kanje uShongwe osengumhlaziyi webhola lezinyawo kwiSuperSport TV.

FUNDA NALA: UPitso usethubeni lokudla esinye isicoco esikhulu ne-Al Ahly

Le nkakha kanozinti ibe isiphetha ngokuthi kodwa nokho okungacishe kukhubaze ikusasa likaPetersen wukulimala njalo.

“Ngicabanga ukuthi ukube akanalo ibhadi lokuhlaselwa wukulimala njalo ngabe ukude kakhulu ngokwezinga lokuvimba.

“Into engamphazamisa kakhulu manje wukulimala, ngaphandle kwalokho ungunozinti osemncane futhi onekhono eliyisimangalisayo.”

Ekhuluma ngokudlala kwakhe kokuqala kwiChiefs, uPetersen ubonge uMdali ngokululama kwakhe ekulimaleni ukuze aqhubeke nomsebenzi wakhe.

“Kuyimisebenzi kaMdali. Uhlezi engiqaphile. Ngemuva kokuhlala unyaka wonke ngingadlali, ngigcine ngikwazile ukubuyela ekwenzeni into engiyithandayo.

“Ngibonga uMdali, kungumusa Wakhe lokhu,” kubhala lo nozinti kwiTwitter. Nomqeqeshi weChiefs, uStuart Baxter, wakuvuma ukuthi onozinti bazomdalela ikhanda indlela abenza kahle ngayo bonke.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.